21/07/2026
21.07.2026
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho. -- Izaga 3, verse 5 & 6
Ngalamazwi angenhla siyabingelela kubona bonke abazalwane, egameni leNkosi yethu ujesu Kristu, amen.
Ngokucelwa uBaba Mongameli, sifisa ukudlulisa amazwi okukhuthaza kubona bonke abantwana bebuyela ezikolweni nasezifundweni zabo namuhla for Term 3.
"Njengoba singena kulesi sikhathi esisha sokufunda, siyakhuleka kuNkulunkulu ukuba anike abafundi bethu ukuhlakanipha nokubekezela ukuze baphumelele ezifundweni zabo. Kwangathi wonke amaClasses abo angaba izindawo lapho ulwazi lukhula khona.
"Kothisha bethu abazinikele kanye nabo bonke abasebenza emkhakheni wezemfundo, sidlulisa ukubonga kwethu ngokuzinikela kwenu okungapheli. Umsebenzi wenu uyaqhubeka nokwakha ikusasa lesizwe sethu, futhi siyakhuleka ukuba iNkosi iniqinise futhi inibusise njengoba niqhubeka nokufeza lo msebenzi obalulekile.
"Kubazali nakubanakekeli, siyabonga ngothando lwenu oluqhubekayo nokukhuthaza enikupha abantwana. Ukubambisana kwenu ekufundiseni nasekukhuliseni izingane zethu kuyigugu elingenakuqhathaniswa.
"Siphinde sikhumbule bonke abasebenza ngokuzikhandla behind the scene: abaphathi bezikole, abasebenzi abasizayo, abashayeli bezimoto ezithutha abantwana, abezokuphepha, kanye nabo bonke abafaka isandla ekwakheni izindawo zokufunda eziphephile nezinempumelelo. Kwangathi iNkosi ingabusisa ngokucebile umsebenzi wezandla zenu."
Siyibandla sifisa ukukhuthaza bonke abafundi kusukela kwabancane kuze kufike kwabadala ukuba bazinikele ezifundweni zabo bese behlonipha othisha nabanye abafundi.
Kwangathi iNkosi ingavikela wonke umntwana ohamba eya noma ebuya esikoleni, ilethe ukuthula ezikoleni zethu, amen.