14/08/2026
Bazili benene base KZN mangithathe lelithuba elidlulayo ukunazisa izindaba ezibuhlungu zokushiywa ngu Sis Girlie Madlala wase North Durban District. Sonke sisathukile ilezi zindaba, okwethu njenge nhlangano yabazili ukuba sibeke umndeni wakhe emikhulekweni, sinxuse uNkulunkulu ukuba abaqinise ngalesi sikhathi esinzima sokuhanjelwa umzali, bese simnxusela umzalwane wethu ukuba aphumule ngobuhle, size sibonane ngqungqutheleni yaphezulu.
Isambulo 14vs13
"Ngase ngizwa izwi lively ezulwini, lithi Loba ukuthi "Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi "Yebo" usho uMoya, ukuze baphumule kuyo imizamo yabo."
Singekho isiphambano;
Awukho umqhele.
Abazithobayo
Inkulu yendlu kanye nesigungu sakhe.