08/09/2026
UJesu Krestu mayeza emhlabeni wayezofeza icebo likaNkulunkulu.
Kwakunzima kodwa ngoba wayeqonda icebo likaThixo wabekezela kwaze kwaba sekufeni, ezithobile.
Simuzwa u Isaiah ku 53vs 7 ethi:
Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa, ayivulanga umlomo wayo; njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo.
Wazithoba uJesu, wayenamandla okwenza konke, kodwa wathoba ngoba wayeqonda icebo kukaNkulunkulu.
Simthola entabeni yeminqumo ekhuleka sebelele nayethi uhamba nabo, Jesus!
Ngoba basazolala laba othi uhamba nabo.
Basazokukhaphela laba obathembile.
Again uyaqhubeka uyakhuleka uthi:Aba, Baba, uma kukuhle kuwe ake ususe lesitsha kimi, kepha kungabi ngokwentando yami kodwa eyakho- Marku 14 vs 36.
Kukhona izikhathi ekufanele samukele intando kaNkukunkulu injalo, samukele sithi let your will be done.
Izinkomo ezaziya e Bet- Shemesh, ezazithwele umphongolo kaJehova, zazihamba zikhala, zibheke phambili, sezilibele nokuthi zinamathole- 1 Samuel 6 vs 12.
Zazingasazihambeli kodwa zazihanjiswa.
My Jesus!
Uma ukuKrestu iyisidalwa esisha, okudala kuyadlula kuqale okusha- 2 Corinthians 5 vs 17.
Awube usazihambela ngokuqonda kwakho, kodwa uyahanjiswa.
Kunomvuzo ukuhanjiswa.
UJesu uhlezi kwesobunene sikaNkulunkulu ngoba akazihambelanga kodwa wahanjiswa.
U Ikabodi wazama ukuzithwalela umphongolo wesivumelwano sikaJehova, uthi u 1 Samuel vs 1, wawa nyovane waphuka intamo wafa.
Lithi izwi for 40 years waye busy ahlulela u Israel ngokwakhe.
Now if umuntu ezibambela umthetho kaNkukunkulu kuba ne unnecessary death.
Jesus!
Asimvumele uNkulunkulu asisebenzise ukuze kufezeke icebo lakhe.
Siyazi ukuthi icebo lakhe lingevinjwe.
Wazama uJona ukubalekela iNinive, ngoba ebalekela icebo likaNkulunkulu, wahluleka lithi izwi kwavuka isiphepho olwandle.
Waze waphoswa phansi, wafika I taxi yezulu imlindile.-Jona 1
Hha Jesu!
Athi u Jobe 42 vs 2 Ngiyazi ukuthi ungenza konke kodwa lingevinjwe icebo lakhe.
Nangalesi sikhathi ngifuna ukuthi kwenze konke, kodwa kuzogcina intando kaNkukunkulu.
Ukuyogcina eyakho, eyami, eyakho, eyabo.
Ukhona oyisiqalo nesiphetho.
Ukhona u Alpha &Omega.
Ukhona Omdala WEZINSUKU.
Ukhona owayekhona emandulo.
Ukhona uLizwi waphakade.
Egameni likaJesu Krestu waseNazaretha.
Amen