05/02/2023
Ekugcineni, qhubekani nizuza amandla eNkosini nasebukhulwini bamandla ayo.
11 Gqokani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukumelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli;
12 ngoba asibambene negazi nenyama kodwa sibambene nawohulumeni, namagunya, nababusi bezwe balobu bumnyama, nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.
13 Ngenxa yalokhu thathani zonke izembatho empi ezivela kuNkulunkulu, ukuze nikwazi ukuzabalaza ngosuku olubi, nokuba, ngemva kokuba senenze konke ngokuphelele, nime niqinile.
14 Ngakho-ke, yimani niqinile izinkalo zenu ziboshwe ngeqiniso, futhi nigqoke isivikelo sesifuba sokulunga,
15 nezinyawo zenu zigqokiswe ukuhlonyiselwa izindaba ezinhle zokuthula.
16 Ngaphezu kwazo zonke izinto, thathani isihlangu esikhulu sokholo, eniyokwazi ngaso ukucima yonke imicibisholo evuthayo yomubi.
17 Futhi, yamukelani isigqoko sokuzivikela sensindiso, nenkemba yomoya, okuwukuthi, izwi likaNkulunkulu,
18 kuyilapho niqhubeka nithandaza ngomoya ngazo zonke izinhlobo zomthandazo nokunxusa ngezikhathi zonke. Ngenxa yaleyo njongo, hlalani niphapheme ngakho konke ukuqinisela nokunxusa ngenxa yabo bonke abangcwele,
19 nangenxa yami, ukuze ngiphiwe ikhono lokukhuluma ngokuvula umlomo wami, nginenkululeko yokukhuluma ukuze ngazise imfihlo engcwele yezindaba ezinhle,
20 engisebenza njengenxusa lazo ngisemaketangeni; ukuze ngikhulume ngesibindi mayelana nazo njengoba kufanele ngikhulume.