Umkhumbi Ministry International

Umkhumbi Ministry International UMI. teaching and preach gosbel and lead people to the fulfillment of Jesus Christ.

31/07/2023
07/07/2023

Evangelist Siyabonga Ngubane part 2.

07/07/2023

Evangelist Siyabonga Ngubane from e CDC. Ngamafuphi Christian Dominic Church. Part 1.

Ayikho into embi nebuhlungu njengokuthi wena mzalwane ukhonze ebandleni oyilunga lakhona ngoba kuthanda wena. Ngenkathi ...
05/07/2023

Ayikho into embi nebuhlungu njengokuthi wena mzalwane ukhonze ebandleni oyilunga lakhona ngoba kuthanda wena. Ngenkathi uphenduka ezonweni wahlatshwa izwi lenkosi walizwa ukuba likhuluma nawe. Walizwa ngezindlebe zakho wawuzwa umoya wakho udabuka phakathi ekujuleni kwingaphakathi lakho. Kodwa ke mzalwane wambuza ubaba uNkulunkulu nenkosi yamakhosi uJesu Khrestu noMoya ongcwele ophethe impilo yakho ukuthi iliphi ibandla athanda noma akubizela ukuba uzomkhonzela kulomhlaba. Wake wafasta wajula emkhulekweni wefasting wafuna ubuso bukababa uNkulunkulu ufune intando yakhe. Umkhonzele kweliphi ibandla usesemhlabeni.

Uma ungumzalwane uthi uma umbuza kwenzeka kanjani ukhonza kulelibandla? Uyothola izimpendulo ezahlukahlukene.Bambalwa abazalwane abasindisiwe emabandleni ngokwahlukana kwawo abangakutshela ukuthi ubaba uNkulunkulu ungibizele kulelibandla ukuba ngizomkhonza ngikuleli ibandla. Labo bazalwane ababi uhlupho ebandleni abangamalunga awo ngoba basuke benesiqiniseko sokumhlalela apha kuze kukhale icilongo.

Umzalwane oyilunga lebandla kodwa ongenaso isiqiniseko sokuthi lelibandla yilo engiyobona ngalo ubaba uNkulunkulu ezulwini. Bayahlupha, babone ku wrong indlela yokukhuleka, babone I wrong indlela yokudumisa, i wrong indlela yokunikela , hhayi bayahlupha. Bayahleba engqondweni yabo kugcwele ukunganeliseki emehlweni abo akukho okuhle. Kuhle uma kwenziwa nguyena uqobo. Bayagxeka inkonzo yefastingi, bayagxeka inkonzo yenhlambuluko, bayagxeka inkonzo yezwi lenkosi. Abaneliseki lababazalwane isitha samakholwa sisebenzisa intuba ngabo singene phakathi ebandleni libhubhe ibandla nomholi walo.

Uyahlupha mzalwane, umzalwane ongakwazi ukubizwa ukuthi uma umzalwane ubizelwe ukuzokhonza ubaba uNkulunkulu nenkosi yamakhosi uJesu Khrestu noMoya ongcwele ngalelibandla okhonjiswe lona. Abanye abazalwane abasindisiwe emabandleni bakhonza ngoba ibandla likhulu. Likhulu nge membership. Yabona nje bajabulela ukuthi sibaningi nezimoto ziningi noma engenayo yena kodwa nje ngoba zikhona ezabanye kwanele kuyena. Abanye abazalwane abasindisiwe bajabulela ithomoyi yebandla lakhe eeyyii ujabula kabi. Abanye uma sekukhala I keyboard ubona kahle hle ukuthi uyalingena izulu. Umoya ongcwele wakhe wehliswa umsindo we keyboard.

Emhlabeni jikelele ikakhulu kwabasha bethu abazi nhlobo nhlobo kuyini ukubizwa. Abalazi ngisho lenkosi abalizwa ngenxa yomsindo abawuthandayo. Bakhonza umsindo wezwe kakhulu noma bephakathi ebandleni babuyisa umsindo wezwe bawulethe endlini yokukhonza. Yini abakwazi ukubizwa nezwi lenkosi abalazi ngenxa yomsindo abawuthandayo. Ibandla bakhonza ngoba kukhona obani nobani abaziwayo emhlabeni. Bafuna amabandla anama celebrity. Bafuna amabandla anama idols abo. Benza okuphambene nezwi lenkosi abalazi ngisho izwi lenkosi. Ubenosuku oluhle usakhuleka usaphenduka umncenge ngesineke somusa wakhe njalo njalo. God bless you.

Ayibongwe inkosi yamakhosi uJesu Khrestu ngiyabingelela sithandwa sasezulwini ngiyabingelela mzalwane othengwe ngegazi e...
04/07/2023

Ayibongwe inkosi yamakhosi uJesu Khrestu ngiyabingelela sithandwa sasezulwini ngiyabingelela mzalwane othengwe ngegazi elinqabileyo lenkosi uJesu Khrestu Amen. Akuve kukumbi ukuba umzalwane okholwayo othi usindisiwe uthethelelwe izono kodwa uthole ukuthi ukhululekile kakhulu enyameni. Ngoba lithi izwi ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba emzimbeni wakho wenyama khonzanani ngothando lobuzalwane. Ebese lithi kepha ngithi Hambani ngomoya anikufeza izinkanuko zenyama. Mzalwane ukulwa nezinkanuko zenyama akuwona umsebenzi olula. Ngoba inyama iyimvelo. S**a kubantu abahamba ngezinkanuka zenyama. Musa ukuzinika ithuba lokuhlanganyela nabantu ababuswa izinkanuko zenyama.

Balekela njengo Josefa mzalwane wenkosi uJesu Khrestu. Nathi singabaholi siyabaleka nje isizulu. Umfundisi osindisiwe ngeqiniso naye uphila ngokubaleka. Futhi umcele ubaba uNkulunkulu nenkosi yamakhosi uJesu Khrestu noMoya ongcwele bakufundise izindlela zokubalekela izinkanuko zenyama. Hhey ziyawubulala ibandla likaMoya. Uyazibalekela izinto ezingcolile ezivusa izinkanuko zenyama ngoba umzimba awufile imizwa iyaphila.

Siphila ngokukholwa nokuphila ngezinto zikaMoya ukuze singaniki inyama amathuba ezinkanuko. Umkhuleko kuphela osisiza sikwazi ukuhamba ngokukamoya. Ukufunda imibhalo yezwi lenkosi kuyasiza kakhulu ikhona lapho uthole ukuqiniswa ngokukholwa. Ukuzihlambulula kumkhokheli omdala okhulekayo osindisiwe ngeqiniso nakhona kukusiza ukwazi ukukholwa kweqiniso kwensindiso empilweni yakho mzalwane.

Namuhla usuku lomkhuleko labazalwane ngokwamabandla ngokwahlukana kwawo inkonzo yenhlambuluko ayive ibalulekile kakhulu bafowethu nodadewethu. Akuve kukubi ukungena enkonzweni yefastingi ungazange uzihlambulule kumkhokheli ngeqiniso okholwayo okhulekayo osindisiwe ngeqiniso. Ubenosuku oluhle mzalwane usazindla ngezwi lenkosi uJesu Khrestu. Inkosi ikubusise njalo ikuvikele njalo ikuphumelelise njalo ikugcine njalo nomndeni wakho wonke nebandla enibizelwe ukukhonza kulo nivikelwe ugange lomlilo oluvutha amalangabi egameni elihle lenkosi uJesu Khrestu Amen.

30/06/2023

Ake sifundisane inkonzo yokuhlala ebukhoneni bukababa uNkulunkulu nenkosi uJesu Khrestu noMoya ongcwele. Hlala eqinisweni lensindiso ephelele enethemba elingapheliyo lentando kababa uNkulunkulu imihla ngemihla.

30/06/2023

Eeyyii nkosi yamakhosi Jesu Khrestu uyadumiseka njalo njalo. .
.

Uma usibuka ubona ubuhle nokusuleka, ebese wena ubone umcebo. Kanti cha thina nabanye esibiziwe ngecebo likababa uNkulun...
30/06/2023

Uma usibuka ubona ubuhle nokusuleka, ebese wena ubone umcebo. Kanti cha thina nabanye esibiziwe ngecebo likababa uNkulunkulu siphila nge faith siphuza sigeze ngezinyembezi usuku nosuku. Akusiwo umsebenzi olula ukubizwa ngokuthi mama mfundisi nokuthi baba mfundisi.

30/06/2023

Umama mfundisi Chamane umaNdabezitha ebingelela ebandleni Umkhumbi ministry international eGroutville mission. .

22/06/2023

Siyambonga ubaba uNkulunkulu nenkosi yamakhosi uJesu Khrestu noMoya ongcwele ngenkonzo yemvuselelo yabasha eGroutville mission. Sister Mabongi Khomo from eMandawe Part 3.

Address

Nokukhanya Luthuli Street Groutville Mission
Stanger
4450

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umkhumbi Ministry International posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Place Of Worship

Send a message to Umkhumbi Ministry International:

Share