17/01/2023
Ngikhonza uJesu iNkosi yokulunga,
Ngikhuthaza ukulunga futhi ngilwela ukulunga
Uma kukhona izinto ezichithwayo ngendlela engalungile ngeke ngize ngikuvume lokho ngolwa nalokho kuze kunqamuke izandla ngoba iNkosi yami uJesu ilungile so angikwazi ukuvumela ukungalungi
Kulabo abachitha ifasting baphambene nokulunga futhi isfundiso sabo asiveli kuJesu sivela emadimonini nasendlaleni nasekuthandeni ukudla akusona isfundiso sikaJesu leso futhi akusona isfundiso sebhayibheli leso kodwa isfundiso sokuthanda ukudla
👇👇👇
NGOKUKAMARKU 2 VERSE 18 - 20
Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla; beza bathi kuye: “Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?”
19 UJesu wathi kubo: “Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile.
20 Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku.
Kulabo abachitha ukubhabhadiswa nabo futhi lesosifundiso asiveli kuJesu kodwa isifundiso samadimoni akusona esifundiswa yizwi futhi akusona esifundiswa uJesu Kristu
UJesu uthi OKHOLWAYO ABHABHADISWE UYOKUSINDISWA.... MARKU 16 VERSE 16
nalabo abachitha ukuhlambuluka nokuvunywa kwezono leso sifundiso akusona esikaJesu kodwa esamadimoni futhi izwi alikufundisi lokho izwi lithi vumani izono komunye nomunye liphinde lithi bonke abanethemba ezinjalo bayazihlambulula
👇👇👇
JAKOBE 5 VERSE 16
Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.
👇👇👇
IZAGA 28 VERSE 13
Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
Nalabo abachitha iphiwo zikaMoya naso lesosfundiso asiveli kuJesu sivela emadimonini asiveli ebhayibhelini ngoba ibhayibheli lithi iziphiwo zikaMoya zizodlula uma sekubuye uJesu Kristu lapho sesimbona ubuso nobuso
👇👇👇
1 KWABASEKORINTE 13 VERSE 12
Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.
Nginesbindi njengomthakathi😁