21/02/2026
Umhlangano we Mothers' Union e Durban and District 2026/02/21
Bebephume ngezinkani bethibabagcwalise indlu yesonto omama be DnD Region lapho beku nomhlangano we MU eDnD lapho bekuzokhethwa isigungu esisha se Region.
Kuqalwe ngenkozno yesidlo yalandelwa ukhetho kanye nomhlangano ojwayelekile okhuluma ngezinto zonke ezizokwenzeka kuleRegion.
Udumo lonke sikunika uSimakade Kuba konke obekuhleliwe kwenzekile.
Umsebenzi ubusingethwe isigungu sase Diocese seMothers' Union. Besihanjelwe uChaplain, Rev Sizwe Ngcobo esizana no Coordinator we Region uRev Thulani Goge ehamba noDeputy President, umama uDludla nomama uMpho Mdletshe kanye noNobhala weDiocese umama uPhumzile Nxumalo. Sithokozile nokuba nomama uThobeka Msumza ongu Presiding wayizolo elekelela lelithimba ephuma kwi Region yase South.
Izithombe ziyixoxa yonke indaba lapho uChaplain ebangenisa ezikhundleni ngomkhuleko ebaxgawula.
SiyiRegion yaseThekwini namaphethelo, sihalalisela umama uBuyi Khwani ozobe ehola, esizwa umama uThobile Ngcobo bese kuthi umama uNomthandazo Ndaba esizwa umama uThobile Bhengu ekubeni onobhala. Umama uLungi Bhovungana yena uzosiza ukuba unoncebo.
Siyabonga ngokuvuma ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Siphakamisa izandla kwikomiti ebeliphuma sibonga ukuzinikela kwabo kulomsebenzi. INkosi ibe Nani njalo.