Thembalethu Christian Church

Thembalethu Christian Church Kwakungekho lutho uJehova walidala ibandla labakhona, ngakho abahlukumeza ibandla bazoqalekiseka🔥

21/01/2026

Abaphile njalo abeNkosi uJehova...

Sawubona sihlobo ngiyethemba uphilile, uma uzama ungakaphumeleli ungayeki ukuphumelela mfowethu bakhona abayoze bakuzwele, bakhona abayoze bakubone.
Ngicela bazizwe bonke abasanda kusjoiner kulelikhasi.

Bese ngithi kithi sonke;
*mhlampe uma ungavula iwardrobe yakho yezimpahla, kukhona ongasakusebenzisi kodwa ongakusebenzisa omunye umuntu omaziyo ukuthi engakujabulela uma ungamupha khona❤️👏.

*Uyamazi lomuntu ohlale njalo evuka ekuseni eyobheka umsebenzi uma unakho mtaka baba ungaqeni ukumbambisa noma yiR5 athenge ubhanana noma ombili nje endleleni (noma engawutholanga ngalelo langa umsebenzi kodwa usumgqugquzelile wamqinisa idolo❤️👏)

*Uyamazi lomama othengisa ama vegetables (ayithinteki yini inhliziyo yakho ukumedlula uyothenga estolo ?)

*KUNGABA YINTO EBUHLUNGU UKUTHI SIXHAWULANE NGEZANDLA NABANTU ESIBAVALELE NGAPHANDLE NGEZINHLIZIYO.
UNGANAKI UKUTHI UKHONZA NAYE NOMA AWUKHONZI NAYE. UNGANAKI UKUTHI UYAKHONZA NOMA AKAKHONZI WENA SIZA LAPHO ONGAKWAZI UKUSIZA KHONA OKUNYE KUSEMEHLWENI KANKULUNKULU.

AWUVAME UMUSA KINI NONKE 💚❤️🤎💜💙💛🧡🤍

I've just reached 2K followers! Thank you for continuing support. I could never have made it without each one of you. 🙏🤗...
16/01/2026

I've just reached 2K followers! Thank you for continuing support. I could never have made it without each one of you. 🙏🤗🎉

13/01/2026

Zihlobo sanibona nonke ngiyethemba niphilile, bakwethu ngicela ningadinwa lapho nikhona abasebenzayo bayabazi abadinga umsebenzi ngane zakwethu.
Kubuhlungu ukubongiswa ngumuntu ongenanxa nawe kodwa wena wazi kahle ukuthi kunethuba lomsebenzi ebelivelile wangamsiza.

Kodwa kumnandi futhi kuhle ukubona umuntu osephila kancono ngenxa yosizo lwakho nakuba ungeke umemezele izwe lonke lazi ukuthi usizwe nguwe.

Yilokho enginicela kukho ngane zakwethu ukuthi singakhohlwani. Ngiyazi ukuthi abanye asazani ngamehlo enyama kodwa isimo somhlaba sithinta izinhliziyo zethu sonke.

Ngicela ukubonga bonke abasanda kusjoiner namukelekile nonke zihlobo ezinhle ✨

Zikhona ezinye izindatshana ezikhuthazayo epagen elithi

"Ulwandle Lwezindaba" mhlampe bakhona abangafunda okuthize kulo. Asiphileni sibambane njalo ngothando neqiniso.

Good luck kithi sonke esizamayo
God bless you kwabanozwel❤️

04/01/2026

Onyakeni omusha zihlobo ezinhle ✨ sanibonani ngiyethemba baphilile bonke abantu, abangene onyakeni omusha nezindaba ezibuhlungu duduzekani ngane zakwethu uJehova anifukamele.

Bese sibonga siphelinde samukele bonke abasanda kusjoiner, namukelekile nonke ngiyethemba sokhulisana kahle futhi sifundisane ngokubambisana. Owaziyo usiza ongazi, nongazi ufunda kowaziyo.
Konke ngomoya wokwakha.

Namhlanje ngizothi okungasilungelanga ngonyaka esis**a kuwo siziqhubeka sikulungise nakulonyaka.

Mfowethu dadewethu mama nawe baba ungayeki ukungqongqoza kulowo mnyango wempumelelo ungakavuleki.

Ungayeki futhi ukuhamba ungakafiki lapho uya khona, asiphumuleni kodwa singahlehli. Ungapheli amandla ngaleyoCV kukhona lapho abazoyidinga khona.

Kuphumula asebefikile
Kungena asebevulelwe uma ungakavulwa lowomnyango ungayeki ukungqongqoza...uthando lunye HAPPY NEW YEAR ✨ 👏

09/12/2025

Uma indlu kaJehova ikhula futhi iqina ngalo iqiniso usathane akanamandla futhi uyajabha.

Sanibona bazalwane

Sibonge uthando abadala nabancane abasanda kuba nathi nesi s**a kude nabo, NISAMUKELEKILE ZIHLOBO EZINHLE❤️🤎💜💙💚💛🧡🤍

Onotho aphe ongenanto, nigalikhohlwa ivangeli lokwazisana uma kukhona izikhala zemisebenzi lapho abanye bethu betohoza khona.

Impela sihlobo sami mkhumbule lowomuntu olwaziyo usizi lwakhe noma ngabe ngumakhelwane noma ngabe ngumzalwane, noma ngabe akakhonzi ebandleni lakho noma okhonza kulo.

Esikwenzayo asingakwenzeli amabandla esikhonza kuwo kodwa masikwenzele oMdala wezinsuku, ngalokho sizomukeliswa ngokwezenzo zethu phambi kweNkosi.

Sengathi wonke umuntu okulegroup engazizwa ebanenjabulo noma isimo sibuhlungu noma sisihle.
uJehova bangcwele masingadikileli asibe nethemba kokuthi bakhona azobathuma nabo sengathi bengathumeka babe neqiniso.

Nonke zihlobo ezinhle sengathi nongaphepha njengoba usuphela lonyaka, kwabalimele mabaphole emphefumulweni nasenyameni.

Kwesizama nabo singakhathali ukungqongqoza isizovuleka iminyango.

Ayibongwe ephilayo iNkosi uJehova 🙏

04/07/2025

UTHANDO LUNYE ZIHLOBO EZINHLE
ngixolise ukubuye nginyamalale bakithi ngibuye ngibambeke laphaya nalaphaya.
Siyabemukela bonke abathanda lelikhaya, abasanda kungena nabasazongena❤️

Ngiyethemba niyaphila nonke bantu bakaNkulunkulu, sengathi noma kukhona lapho impilo isivivinya kodwa uJehova angaphezi ukwenza amacebo akhe.

Uthando lunye zihlobo zami ezinhle❤️❤️❤️❤️

NAMHLANJE NGICELA NGINIPHATHELE NANSI INDABA:👇

Ngike ngathi uma ngifunda incwadi ebhalwe ukuthi "IBHAYIBHELI" ngelinye ilanga, ngahlangana nestory sikaJohane.

Ithi indaba mama thizeni owayegane iNkosi thizeni ngokwaseBhayibhelini,

Lomama neNkosi babenomntwana wentombazane,

Uthi lowaya mbhalo, iNkosi yayiyithanda kakhulu indodakazi yayo,

Ngangoba yayenza noma yini okucelwa yindodakazi yayo.

Kwathi ngelinye ilanga uNkosikazi weNkosi enenzondo kuJohane, wahlebela indodakazi yakhe ukuthi uma iNkosi ibuza ukuthi ufunani,

Indodakazi ibophendula ngokuthi ifuna ikhanda likaJohane,

Nebala iNkosi yabiza indodakazi yayo ngelinye ilanga yabuza "ufuna ngikwenzeleni ?"

Indodakazi yambuka umama wayo, umama naye wayibuka indodakazi maqede wamoyizela umama.

Yase indodakazi yamphendula uyise ngokuthi "ngicela ikhanda likaJohane"

Kuyavela ukuthi iNkosi yadabuka kakhulu enhlizweni yayo, ngoba yayimkhonzile kakhulu uJohane.

Nebala iNkosi yakhipha umyalelo lanqunywa ikhanda likaJohane.

Kuyavela-ke manje kuyenzeka umangazwe ukuthi kungani ulinyazwa nangabantu obungabacangi, kanti lokho kwenzelwa ukujabulisa abathize, ngenxa yabantu abamelene nawe.

Yonke into esuke yenzeka kumuntu ubokwazi ukuthi kukhona ongemuva obhace ngabanye.

Indodakazi yeNkosi yayizolenzani ikhanda likaJohane? Kodwa kwakuthokoze unina ngokufa kukaJohane,

Yayingazi iNkosi yayithi ijabulisa ingane yayo kanti ijabulisa isitha sikaJohane.
Uyalimala ulinyazwa nangabantu obathembile,
Bengazi ukuthi basantshenziswa ngabantu abangakufuni wena.

17/05/2025

Sengathi sengathi uma singabantu abathi bangamakholwa, sengathi singakhonza singakhohlisani, ngoba noJosefa baxoxela abafowabo begazi iphupho lakhe, kanti yibona kanye abazomfaka emgodini.

Sengathi singabayiqiniso isimo salabantu ocabanga ukuthi baphila nawe ngalapho ungakhona, sawubona muntu weNkosi❤️

06/12/2024

Ulwandle olwaluvimbe indlela yabakwaIsrael mhla bephuma eGibhite, lwaluneminyaka eminingi lukhona. Kodwa ngesikhashana nje kwavuleka indlela kulo ulwandle, bawela abantwana bakwaIsrael ngoba babehamba noNkulunkulu.

Nawe sihlobo esihle, yonke inhlupheko nezilingo odlule kuzo, bekuyimpi yesikhashana ekulungiselela ikhenani lekusasa lakho.

Sawubona ngikufisela okuhle nempumelelo, ungene kahle onyakeni omusha ungene nethemba elisha✨💫❤️🩷💜💚💙🤍

15/09/2024

Sawubona sihlobo esihle ❤️💜💙💚🤍
Ngifuna ukuthi sengathi bonke abakufisela okubi izindlela zabo mazibemnyama.

Bese uJehova yena akuhambise ekukhanyeni phambi kwamehlo akhe,
Happy Sunday to you ✨✨✨✨✨✨✨✨✨✨✨✨✨

15/09/2024

Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Nomusa Mgoboza, Mancwane Zungu, Zama Khumalo, Nkosinathi Emmanuel Shandu, Tshengu Donga

19/08/2024

Sanibona nonke zihlobo ezinhle ❤️
Siyabonga kubo bonke abahlobo abakhombisa uthando kithina nabasanda kus'joiner, nabasazongena mabazizwe bemukelekile.

Ngales'khathi ngifuna ukuthi kuwo wonke umuntu okhona la, sengathi umoya wempumelelo ungaba nawe sihlobo sami, kunoma yini enhle oyidingayo empilweni.

Noma ngabe kufasiwe futhi noma ngabe kubambezelekile, kodwa ngoJehova makufezekiswe okuhle empilweni yakho.

Nolala engadlile makube khona abathintekayo bemhawukele, noma ngabe ungokholwayo noma ngabe ungo ngakholwayo kepha makubekhona abamhawukelayo ukuze naye ayibone indlela.

Bangcwele beNkosi singahlabelela sikhulume sifakaze sikhihlize amagwebu, simemeze igama likaJesu kuNkulunkulu.
Kodwa uma kunemizi noma abantu esingakhonanga ukufaka isandla ngandlela thize esimweni abaphila ngaphansi kwaso.

UMA SINGAKHONANGA ukuba wusizo kuyomele sikholwe kabusha futhi sihlolisise ukukholwa kwethu ukuthi ingabe kuyikho na lokhu okufunwa yiloThixo esithi siyamkhonza.

"OFUNDAYO MAKAQAPHELE"

Uthando lunye bahlobo Amen🤍💜💙💚💛🧡❤️

23/07/2024

Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Sindisiwe Mhlongo, Lucia Mngomezulu, Dorcas Moyana, Lizzy Matshego, Phindile Phily Shango MaMbhele, Makaziwe Mamba, Hlengiwe Nobuhle Gcaba Nobuhle, Mimiza Samke, Selby Tsela

🤍💙💚💜

Address

Nongoma
3950

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Thembalethu Christian Church posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share