Langalibomvu-Spiritual Healer

Langalibomvu-Spiritual Healer Iam a Spiritual Guru who communicate with the spirits for spiritual guidance on how to solve problem of each individual,iam a dream interpreter

24/01/2024

Ngibingelele eNdaweni ,ngithi Mehlo-madala. Kodwa-ke onyakeni omusha nginiphathele ezithi ,isikhona iNqolobane yama Gugu eZizwe .Khona la e Witbank.Sondela uzothabatha izi Qabelelo zoMoya bese kuba isimo esipheleleyo .

22/11/2023

Ngiyabingelela endaweni , ngithi ,"NGIKHONA."

04/07/2023

Ngibingelele endaweni ! Umuntu uyaphuma eJele esegwetshiwe noma eseze wasiqala isigwebo sakhe.Ngale kokuthi kuzohlohlwa imali kuziPhathimandla zase maJele.Abaningi bazoyiphika lendaba engiyishoyo , kodwa lokho kuyilungelo lwabo ngokolwazi abanalo lwezehlakalo ezikhona eMhlabeni.Nami loku engikushoyo ngikusho ngolwazi enginalo kanti futhi kukhona nokubuka isiNtu ukuthi sithini ngamacala .IsiZulu sithi iCala leqiwa endleleni.Siphinde sithi iCala livula ingubo lingene.Lezinto zombili engizibalile zingaphezulu kokuhlakanipha kwakho.Ukuthi ungakhona ukuzilawula ukuthi zingenzeki kuwe.Ngiqonde ukuthi akekho umuntu omubi ngoba nakhu esejele.Nobani nobani angazithuka esese jele ,ebe ezazi ukuthi uphila impilo esulekile,kodwa limbule ingubo limfake kwesimnyama. Uma kuzokhishwa umuntu eJele kuyaye kufunwe uMuntu/aBantu eMndenini abahamba emhlabeni beseJele noba belandelwa amacala angabavalela eJele.Kusetshenzwa bona labantu ukuvala amacala nokuchitha izigwebo.Kuba nobuchule obenziwayo kuloMuntu noba abantu abafela eJele ,noba abafa belandelwa amacala angabavalela emaJele.Abake bavela abanezihlobo eziboshiwe ngenxa yamacala ezawenza noma ezingawenzanga, bafune usizo.Babuye abantu bazogqubeka nempilo.Imibuzo ivumelekila kanye nemibono eyahlukile nayo iyomukeleka.

17/05/2023

Ngibingelele !Nansi enye Indaba edinga ukuboniswana . Ziningi izinto okuthiwa amaSiko Kanti sekwaphanjaniswa kwaphanjaniswa okuningi.Akukwazi ukuthi ubulale umuntu kuthiwe unecala ,uphinde futhi ukhande umuntu uphinde futhi ube necala.Ake siwabheke lama Siko ethu esiwathandayo lapho eseziphikisa wona . Kukhona okwaphambana la . Abazi kahle isiNtu abake basho ukuthi yini le esuke ihlawulwa uma ingane izalwe iNtombi esesekhaya.Yona ikhona into ehlawulwayo kodwa nginesiqiniseko akusiyo ingane esuke ihlawulwa lapho.

13/05/2023

SANIBONA ! Bengithe ngizoqhubeka ngendaba ka Nxantathu wesivumelwano somshado.Ngishilo ukuthi lesivumelwano ukuze siqine kumele sihambisane neNgobe ayi inyongo njengoba becabanga abaningi. LeNgobe iphekwa noma ngasiphi isihlanzi esimhlophe ,idliwe uMakoti ngoba uyena ongowokufika lapha ekhaya.Ukuyidla kwakhe usuke evuma ukuthi useyogugela lapha ekhaya .Ziyamemukela-ke iZalukazi zalapha ekhaya,zimvikele kuzo zonke izivunguvungu ezikhona eZweni.Aphile naye aze adle iziNgobe zalapha ekhaya.Akekho oyomkhipha lapha ekhaya.Bamuphe naba Ntwana .UMkhwenyane akekho oyomphazamisa ku Makoti wakhe ngisho sebeza nezi gqabo ezinjani. IZalukwazi zalapha ekhaya ziyathokoza nazo ngokukhula kwekhaya futhi libe nesithunzi. Kuba nokuthula nokuphola phakathi kwekhaya ,nezinhlanhla zande phakathi kwekhaya.Abantwana bakhule kahle ,ungenzeki lomhlola ukuthi aBazali bangcwabe abantwana.Ningaphawula nani enikwaziyo , siphile iSizwe.

12/05/2023

Kusile ,Kanti futhi bungene ubusika(isikhathi semishado) .Ingani kuqala kwakulandelwa isikhathi sokuphola kwe Langa ukuze ukudla kungamoshakali.Ezikhathini zamanje sekuyashadwa noba nini ngoba sekwaba nama friji ,akusaboli ukudla.Indaba yami ila . Ayikho into ezolunga kulowo Mshado uma isivumelwano sika Nxantathu ungasenzanga ,uzobhidlika lowo Mshado.Lesivumelwano sika Nxantathu sifaka phakathi iZalukazi zasekhaya eziphilayo nesezandlula ,kube uMakoti bese kuba uMkhwenyane.Lesivumelwano siyi sibopho somshado esinge gqashulwe.Kusuke kuboshwe emhlabeni kanye nakwe lamaThonga. Isona lesi esihambisana nembuzi yokungeniswa kuka Makoti eMzini.Bayayazi abantu lembuzi kodwa abasayenzi ngendlela yakhona .Akusiyo inyongo ebopha uMshado ,kodwa kuba nesicubu thizeni embuzini okuyisona esihlanganisa lo Nxantathu wesivumelwano ukuze uqine.Leso sicubu sibizwa ngokuthi iNgobe (inyama edliwa iZalukazi zasekhaya) .Ake ngime la ,ngizobuya ngichaze ukuthi omunye nomunye okulo Nxathathu simunceda kuphi lesi Vumelwano.Yinto enhle kakhulu le.

15/04/2023

Ngibingelele endaweni.Akusona isithwalo lesi .Ingxenye nje yeSiko lako Bantu.Udinga ukuba nemfuyo noma uthande ukufuya ,ube nensimu ,ukuze uvumbulule izinto zakho.Thatha lonke uhlobo lwembewu olumilayo noludliwayo ,uye nalo emfuleni oseduzane.Ufike emfuleni ungene ,ukhe ngesandla kulezi mbewu uthele emanzini ,kancane kancane ize iphelele yonke emfuleni.Lembewu uma uyithela emfuleni kumele ihambe iphambane nokuhamba komfula.Uzobe sewuphasile-ke uma kunjalo.Hamba-ke ubuyele ekhaya ufike uhlaba imbuzi esencane ,kosiwe ezangaphakathi kubuswe.Lena enye iyophekwa kusasa kudliwe ,kubuswe. UMA AMANDLA EMBUZI AWEKHO UNGABAMBISA NGENKUKHU, UZE UBE NAMANDLA EMBUZI.IMIBUZO INGALANDELA.

08/04/2023

Bengikhuluma ngeMvana kaThixo kanye no Simeyoni.Ukuthi lokhuya kuhlangana kwabo eThempelini ,kwaba negalelo elikhulu ukuba kusakhulunywa ngayo kuze kube namuhla ,futhi sekohlale kukhulunywa ngayo njalonjalo.Naku-ke engifisa ukukwaluleka kukho wena othwele umthwalo wendima yoMoya.Umunikiwe nawe lomuntu okumele akunike izikhiye zakwa Moya.Umuntu nomuntu unikiwe owakhe uSimeyoni okumele (ambhrife) amembulele ukuthi Kwa Moya unyathela kanjani.Sigcina singalutholanga lolu lwazi lwakwa Moya/ISibusiso ngenxa ye Mpakamo kakhulu phakathi kwethu.Lempakamo /ukuzazi kuvele kuphenduke iDuku elimnyama elikuvale emehleni ,ungabe usambona uMeluleki wakho oMangalisayo (uSimeyoni).Uthole ukuthi ziyaphambana zonke izinto zakho.Bese uvama ukuzwa ababonayo bethi ;"Kodwa wawuphiwe kangaka kwenzekanzeka njani kanti."Bona abazi ukuthi bakubangela iNhliziyo ebuhlungu uma belokhu bekhuluma kanje.Bangaphawula nabanye.

08/04/2023

Ngibingelele phakathi kwe ndawo !Ngithi ake ngiphinde ngibuye ngayo lemvana ka Thixo ,kwazise kukhulunywa ngayo yonke indawo ,"INDUMANDUMANE EYADUMA EZIZWENI ZONKE ZOMHLABA".Kwenzeka kanjani ukuthi umuntu oyedwa adume ngalendlela na.U NKULUNKULU wabe ekuhlelile ukufika kwakhe eMhlabeni.Ingani wayebeke uQweqwe lweze miMoya,ogama lalo kungu Simeyoni.USimeyoni lo wabe eyilidile iMvana kaThixo,eyilinde ukuba ifike kuye izomukela iZikhiya zakwa Moya.Okusho ukuthi wayezo mnika IZIBUSISO ukuba ahambe kalula kule ndima kaMoya, nakuba kwakungelula ngaleyo ndlela kodwa iziNqinamba eziningi wazisusa endleleni yakhe....Gizoqhubeka .

08/04/2023

Ngibingelele ngaphakathi kwendawo! Ezikhathini ezedlule ngike ngakhuluma ngabantu ABAYISHUMI nambili abaphakathi komuntu nomuntu ukuba bamvikele ,isitha singasondeli kuyena ukumlimaza noba ngaluphi uhlobo lwesikhali ngisho nomuthi imbala.Labantu sibabiza nga Manyathelo akho .Unyathela ngomunye kwenye inyanga ,uphinde unyathele ngomunye kwenye inyanga .Kuze kuphelele izinyanga eziwu 12 zonyaka.Uma sibuka iMvana kaThixo yadayiswa ngomunye walabantu ababe bekelwe ukumqapha ukuthi angenzakaliswa.Sikhumbule ukuthi aba Fundi bakhe bephelele bawu 13.Uma uthi bawu 12 ,ubani lona ongafuni ukumbala na ?Ngabe wenza okwenziwa iMvana kaThixo ukuba inganiki lona omunye I role yakhe. I role yokuba I Oversee ?Abuke omunye nomunye kulaba ABAYISHUMI nambili ukunyathela kwabo .Usho ukuthi qhinga lokusebenzisa uJudas ukuvula le circle yabaFundi ibiyophumelela ukube le Oversee yayi nikiwe umsebenzi wayo na.Ake siyikhulume ledaba,mhlawumbe sithole nemibono eyahlukene kulokhu engikushoyo.

06/04/2023
06/04/2023

HAYBO ! NANSI INDABA LAPHA .NGEZIKHATHI ZAKUDALA NGAPHAMBI KWE DEMOKHRASI ,ABANTU BEBE NAMATHUNA ABO ,AMANDIYA ENAWAWO ,ABELUNGU BENAWABO .AMA CHINA WONA ABENGCWATSHWAPHI NGOBA KADE ABAKHONA E SOUTH AFRICA KODWA AMATHUNA AWO ANGIWAZI.UKHONA KODWA OKE ABONE NOMA UMNGCWABO WALO NJE .OKUKANYE OWAZI ELILODWA ITHUNA LE CHINA UKUTHI LIKUPHI. AKE BAVELE ABANOLWAZI NGALOKHO ,KANTI AWAFI NA AMA CHINA OR KWENZEKA NJANI ?

Address

B1920 Section2 Madadeni
Newcastle
2951

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Langalibomvu-Spiritual Healer posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Place Of Worship

Send a message to Langalibomvu-Spiritual Healer:

Share