IBhayibheli elingcwele: Mthokozis Shabalala

IBhayibheli elingcwele: Mthokozis Shabalala Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from IBhayibheli elingcwele: Mthokozis Shabalala, Church of Christ, 107, Mkuze.

02/09/2022

Linye ithemba✔️

Bonke abasemzimbeni kaJesu bawumzimba munye, banethemba linye.

Bonke bafuna okufanayo, banhliziyonye ngoba babizelwe ethembeni linye, lelithemba ngelokuthi sizogcina sikhululeke okwempela ezonweni sifane noJesu (1 Joh. 3:1-3).

Isifiso abanaso labo abasemzimbeni kaKristu ngesokuba bathandeke kuye (2 Kor. 2:9)

Konke lokho kudala ubunye.

Abanakuyeka ukuzwana labo abanethemba elinjalo.

Lelithemba liyabahlanganisa laba abanalo, awukho umbango nokungezwani lapho, kugcinwa ubunye bukaMoya.

30/08/2022

Munye uMoya✔️

Ibandla likaKristu linye ngoba uMoya oNgcwele uyahlala kulowo nalowo oyilungu lalo.

Kungumsebenz kaMoya ukumbhapathiza umuntu amfake kanjalo kulomzimba oyibandla likaJesu(Funda 1 Kor. 12: 12, 13).

Ubunye bukaMoya bukhona ebandleni likaKristu ngoba uMoya munye.

Uyahlala ngokufanayo kubo bonke abangamalungu alelibandla.

Bonke abayilalelayo inhloko, bengamdabukisi uMoya oNgcwele bazowathola amandla okubugcina ubunye bukaMoya wokuthula.

Lapho ebusa khona kubakhona ukuthulq nokuthokoza.

Masiqaphele singayivumeli inyama yethu ukuyona indaba.

Konke ukungezwani kuvela kuyona inyama yethu eyonakeleyo.

IZwi lithi: "Hambani ngoMoya khona aniyikufeza izinkanuko zenyama" Gal. 5:16.

23/08/2022

Munye umzimba✔️

Ibandla likaKristu liwumzimba wakhe, yena uyinhloko yalo(Ef. 1:22,23), lona lihlangene naye, naye uhlangene nalo.

Ibandla likaJesu linguyena uqobo lwakhe esehlangene nalabo abakholwa uye ngeqiniso.

Bonke ebandleni bamunye ngoba bahlangene ngenhloko yinye, ubunye bukaMoya bulapho, buyinto ekhona enganakuchithwa.

Umuntu ongabugcini ubunye uzikhipha yena kulelibandla, akalichithi ngoba limi njalo, liwumzimba kaJesu, lilalela yena.

Abaningi badidwa yilokhu esithi thina amabandla.
Bawabona ehlukene, emaningi, bahluleke uma bethi bazolibona okuyilona ngempela.

Abanye bayazama bethi bazokwakha amabandla angcono kunamanye, kodwa akakho umuntu angalakha ibandla likaJesu; lakhiwa uyena yedwa (Math. 16:18).

Abangamalungu alo baziwa uyena yedwa, bawumzimba wakhe, bamunye, noma besemabandleni amaningi ahlukeneyo lapha emhlabeni, bamunye ngoba balalela inhloko.

Kwawethu amabandla kukhona izimbuzi ezixutshwe nezimvu zikaJesu, thina asinakubahlukanisa baziwa uyena.

Okwethu kungukuba yilowo nalowo azibheke yena ahambe ngokufanele ukubizwa kwakhe agcine ubunyr bukaMoya ngesibopho sokuthula.

Yilowo aqaphele kungabi wuyena osusa uthuli lokungezwani, futhi uma selusuka angalwendisi, aziphathe njalo ekhumbula ukuthi uyilungu emzimbeni omangalisayo kaKristu.

16/08/2022

UBUNYE BUKAMOYA BUYALIHLANGANISA IBANDLA.

4. munye umzimba, munye uMoya njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu.
5. yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo.
6. munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, uphakathi kwabo bonke.

📝Lapha kulamavesi kubalwa okuthile okuyisikhombisa okulenzayo ibandla libe nobunye.
Ukungezwani kwamakholwa kuyawaphikisa lamaqiniso amakhulu.

13/08/2022

Amen 🙏

26/07/2022

▶️Uveza obala ukonakala kwenhliziyo.

🖋️Ukonakala kwenhliziyo kubonakala ngoba iyasithanda isono esikhonjwa umthetho.

Lapho umthetho uthi: "Unganxaneli", kusuke kuvuke ngamandla ukunxanela.
IZwi lithi: "Isono sathola ithuba ngomyalo", lamazwi aphindwe kabili, libuye lithi: "Kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono".

Yonke imithetho isebenza kanjalo.

Indlela evalwayo iyona afuna ukuhamba nayo umuntu; noma kade engayinakile, uzoyinaka msukwana ivalwayo.

Umnumzane othile wenza idili elikhulu wamema abampofu nabahluphekileyo wabahlalisa etafuleni elikhulu, kwaphakwa ukudla kwagcwala izitsha eziningi.
Phakathi etafuleni kwakukhona isitshana esinesidekiselo; wangena umnumzane wathi mabadle, baziphakele njengokuthanda konke ukudla okukhona.
Wayeseshaya umthetho munye wathi: "LESISITSHANA ESINESIDEKISELO, NINGASITHINTI" waphuma, baphaka badla, kodwa onke amehlo abheka isitshana leso esisodwana, bonke bafuna ukubona ukuthi kukhonani kusona.
Kwasengathi nokudla akusezwakali kahle ngoba bengasazi ukuthi siphetheni.
Baze bavumelana sebekhuluma, bathi omunye akasivule kancane nje, babone ukuthi siphetheni; bathi abanakukuthinta okuphakathi, bafuna ukubuka nje kuphela.
Waselula isandla omunye akasivule wasifukulw isidekiselo, putshu, laphuma igundane ebeliphakathi labaleka lanyamalala; bajabha kabi esengena umnumzane owayebaphethe kahle kangaka eselunguza esitsheni efuna ukubona ukuthi umthetho wakhe bawugcinile yini.

Lendaba asazi noma iyiqiniso yini, kodwa siyazi ukuthi izinhliziyo zethu zinjalo, zithanda okunqatshiweyo, zonakele.

Siyavuka isono esiphakathu lapho umthetho ukhuluma.
Lokho kwenzeka ngoba sazalwa sinesimilo esonakeleyo.
Lendaba sizoyibona ichazwa kahle uma siqhubeka sisifunda lesisahluko.

26/07/2022

UMTHETHO USEBENZANI?

▶️Wahlukanisa okubi nokuhle.

🖋️Uyakhomba umthetho uthi: "Ungebi", besesibona ukuthi kubi ukweba.

🖋️Uthi: "Ungabulali", besesibona ukuthi kubi ukubulala.

🖋️Uthi: "Wothanda umakhelwane wakho", besesibona ukuthi kuhle ukuthandana.

Unjalo umthetho; uyasifundisa okufaneleyo nokungafanele, umsebenzi odingekayo lowo.
Uma umthetho ungekho yilowo nalowo angazenzela ngokubona kwakhe.
Ngeke kulunge lokho.

Address

107
Mkuze

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when IBhayibheli elingcwele: Mthokozis Shabalala posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share