Damaseku White Church Of Christ In Zion

Damaseku White Church Of Christ In Zion Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Damaseku White Church Of Christ In Zion, Religious organisation, P. O. Box 107, Mkuze.

23/05/2023

Cha niyahlekisa yaz😂😂😂😂🤦🏽‍♂️

04/05/2023

INGOZI YOKUHLUKANA NENHLOKO.

📖18. Makungabikho-muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama,
19. angabambeleli kuye oyinhloko, okungaye umzimba wonke usizwa, uhlanganiswa ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.

☝️Lamavesi akhomba ingozi yokunganeliswa uJesu yedwa.
Kubalwa okuningi okulahlwayo; konke kuqoqeka ngegama elithi: Engabambeleli kuye oyinhloko.
Laba abakhonza izingelosi belandela imibono namaphupho bakwenza ngoba banganeliswa uJesu yedwa, abapheli abantu abakwenzayo lokho.
UJesu bamxuba nokunye, kodwa konakala konke uma sikwemza lokho.
Ozomethemba uJesu uzohluleka uma kukhona okunye eceleni athembela kukho.
UJesu esimlandelayo uyiNkosi, uyiNhloko; abamehlisayo bethi akasiyena uNkulunkulu bayamlahla; asinakumxuba nezingelosi, namadlozi, nabangcwele, noMariya, nokunye.
Ulahlekelwa umvuzo lowo ongabambeleli kuye oyinhloko.

30/01/2023

🌹UJESU UNGUMHLENGI🌹

14. Okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono.

🎙️Leligama elithi "ukuhlengwa" lihlanganisa okubili uma lisetshenziswa eBhayibhelini.
Lisho ukuthengwa, nokukhululwa, liwahlanganisa omabili lawomagama, likhomba indlela esikhululwa ngayo emandleni obumnyama.

UJesu wasikhulula ngokusithenga, walihlawula icala lethu wafela endaweni yethu, wasithenga kanjalo uJesu.

iVangeli lisibikela lendaba enkulu yokuthi "anisibo abenu ngokuba bathengwa ngenani elikhulu" (1 Kor. 6:19,20)

Yavuleka kanjalo indlela esingaphuma ngayo ebumnyameni.

Kodwa ongavumi ukuthengwa uzohlala khona ebumnyameni ngoba akwenzeki ukuba ahlukaniswe nezifiso zakhe uma engathandi.

UJesu uthi: "Ukwahlulelwa kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo mibi" (Joh. 3:19).

Ovumayo ukuthengwa uyavuma ukuthi uyathanda ukuyishiya indlela yakhe, nezifiso zakhe ezikhohlisayo; usethanda ukuy'landela iNkosi emthengileyo.

Ovumayo ukuthengwa uyazidela ngoba engazethembi, ulandela uJesu ngoba emethemba, akaphoqiwe, kukhetha yena.

iVangeli liyamema, alibambi ngenkani umuntu.

Bonke ababuswa uJesu bayaythanda ukubuswa uye.

27/01/2023

📖🙏LOMHLATSHELO NGOWEZIKHATHI ZONKE🙏📖

•Ukufa kukaJesu kwavula indlela yokuba kususwe izono ezenziwa kudala nezingakenziwa.

UJesu wathwala icala likaAdam, noAbrahama, noDavide, noPetru nathi thina banamuhla.

Abesivumelwano esidala bathethelelwa ngalo, nababekhona singakabikho, nabavele muva sesichithiwe, ayikho enye indlela.

Abanye bakholwa uJesu engakafiki, abanye esekhona, abanye bakholwa manje esebuyela ezulwini, bonke basindiswa ngendlela inye kuphela.

Bonke abazongena ezulwini, bazongena ngomhlatshelo kaJesu Kristu, alikho elinye igama, ayikho enye indlela, awukho omunye umhlatshelo.

Uma sekukhona okupheleleyo akudingeki lutho okunye.

Address

P. O. Box 107
Mkuze
3965

Telephone

+27761094397

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Damaseku White Church Of Christ In Zion posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share