You Are Really Apostolic Church in Zion

You Are Really Apostolic Church in Zion Sabulana ngokothando luKrestu u yesu

IZIMPAWU ZOKUTHI UNESIPHIWO… KODWA UYASIBALEKELA? 🕯Abantu abaningi banesiphiwo… kodwa bayasesaba noma bayasibalekela.oku...
28/04/2026

IZIMPAWU ZOKUTHI UNESIPHIWO… KODWA UYASIBALEKELA? 🕯

Abantu abaningi banesiphiwo… kodwa bayasesaba noma bayasibalekela.okunye ukuzingabaza nje 😔

N**i izimpawu:

* Uhlala uphupha amaphupho acacile noma aphindaphindayo
*Ubona noma u feel izinto ngaphambi kokuba zenzeke
* Uyakwazi ukuzwa uma indawo noma umuntu enomoya ongahambi kahle(bad energy)
*Uzizwa uhlukile kwabanye abantu
*Uyesaba noma uyabaleka uma izinto zomoya zisondela kuwe

Lokhu akusiso isiqalekiso… kuwuphawu lokuthi unesiphiwo esidinga ukuvulwa 🕯️

Uma usibalekela… impilo yakho angeke iqhubekele phambili
Uma usamukela… izinto zakho zizoqala ukuhamba kahle nokuvuleka🙏

for more information information 083 987 0269

IZIMPAWU ZOWESIFAZANE ONAMAKHEHLA KANYE NOWESILISA ONEZALUKAZI 📿OWESIFAZANE ONAMAKHEHLA📿-iningi labo lizimele empilweni ...
28/04/2026

IZIMPAWU ZOWESIFAZANE ONAMAKHEHLA KANYE NOWESILISA ONEZALUKAZI 📿

OWESIFAZANE ONAMAKHEHLA📿

-iningi labo lizimele empilweni akathembeli kumuntu abancengi benjalo nje

-sikhuluma ngomuntu onolaka ikakhulu akasukelwa lomuntu ngoba ey wamsukela uzokwenzela ezibukwayo khumbula uhamba namadoda lomuntu

-unesithunzi kwabesilisa akasheleki kalula ngoba bayamsaba umbethe isthunzi sekhehla

-abanye bayabhema smoking ,boxer etc..

-uma enza izinto wenzisa okwendoda noma ehleli uhlalisa okwendoda abanye bathanda ukugqoka ama blukwe

-unamandla amakhulu ungafunga ukuthi umuntu wesilisa

-bathanda ukudla kwesintu ikakhulu inyama yenkomo ,aww uthinte bona impela😅

-akancengi nhlobo lomuntu

-uthanda imfuyo iskhathi esiningi ungafunga ukuthi umuntu wesilisa

-akafuni ukuphathwa lomuntu kodwa ufuna ukuphatha yena ngisho othandweni ufuna ukuba ngaphezulu kodwa awu last

-your voice is always heard ,makukhuluma wena inkulumo yakho isheshe icace nasekhaya bayakwazi

-uma esempini akalwi namanye amantombazane ulwa namadoda and uyashaya akadlali akahlehli nhlobo empini

OWESILISA ONEZALUKAZI 📿

-Umoya uphansi kakhulu

-unozwelo ngendlela eyisimanga

-ukhuthele ikakhulu uthanda ukwenza imsebenzi yasendlini ukugeza izitsha, ukushanela indlu etc..

-abanye besilisa abamuthandi abakuzwisisi kahle

-unogazi kakhulu kubantu besfazane igazi lakhe liyezwana nelabantu besifazane

-uyahlonipha kakhulu

-izalukazi ziyamuthanda zimupha ngisho nemali

-uvamise ukuphatha iqolo , izinyawo

-uthanda itiye uliphuza ngisho likhipha umkhovu etsheni

-lomuntu uthanda izitshalo ukutshala nje aw into yakhe

-uthanda ukuhamba ngezinyawo ,ukulala phansi

uma ehleli phansi uthanda ukubopha izinyawo

-abanye bagcina bebhema ugwayi wamakhala(snuff) isalukazi phela lesi😅

🐚📿🍂Amaphupho nezincazelo 🍂📿🐚🍒 Ukuphupha uphunyelwa yizinyo😱kusho ukuthi uzolahlekelwa okubalulekile empilwe yakho🍒Ukuphu...
27/03/2026

🐚📿🍂Amaphupho nezincazelo 🍂📿🐚
🍒 Ukuphupha uphunyelwa yizinyo😱kusho ukuthi uzolahlekelwa okubalulekile empilwe yakho
🍒Ukuphupha kundilika indlu👏kusho ubunzima nempilo ozohlangabenzana nabo
🍒Ukuphupha unezilonda🤯kusho ukuthi kukhona okubi okuzokwenza ,kungaba ukufa kwelunga lomndeni ,noma uzohlupheka kakhulu ngokwempilo
🍒Ukuphupha uphuma amathumba emzibheni😫kusho ukuthwala kanzima empilweni kukhona izingaba zobumzima ezokufinca
🍒Ukuphupha umlotha ❕❔kusho ukubangwa yindalwa
🍒Ukuphupha isindleke senyoni🐦kusho ukuba nabantabandala
🍒 Ukuphupha uncansi lendlelwe phansi⚰️kubika ukufa noma kukhona akangulela ukufa
🍒Ukuphupha izinkungu zikhasa phansi❄️🌫️kusho ukuba nethonga labalozi
🍒Ukuphupha ingwe🐆kusho ukuba ungenwa okhokho bakho bafuna usebenze ngabalozi
🍒Ukuphupha ibhubesi🦔kusho ukungenwa yithonga elinamandla labokhokho uphiwa Amandla yizindalwa zakhini
🍒Ukuphupha ihhashi🐎kusho ukungenwa okhokho bamanzi kumele uyothwasa emumfuleni lapho usuke uboniswa inkanyamba indlondlo enkulu zahokhokho bamanzi🐉
🍒Ukuphupha uphezulu kwebhuloho🌉kusho ukuba nobizo lwentwaso ngamanzi
🍒 Ukuphupha ushova ibhayisekili 🚲kusho ukuba nobizo lwentwaso noma unesothunywa
🍒Ukuphupha indlovu🐘kusho ukuphendulwa kwendlozi lasekhaya
🍒 Ukuphupha 🐕impisi kusho ungami osondele kakhulu KUWENA omethembhayo ngenhliziyo yakho yonke nkati uyisitha sakho esikhulu
🍒 Ukuphupha inyoka emnyama🐍kusho ungani oyisitha esikhulu
🍒Ukuphupha isicabucabu🕷️🕸️kusho ukungandlwa ngesichitho
🍒Ukuphupha ubulwembu besicabucabu🕸️kusho ukuvalwa kwethonga liphenduliwe
🍒 Ukuphupha uphezulu kwamawa⛰️kusho ukuba nesithunywa usuke uphakamisiwe uthi mawubheka phansi uzeshawe uvalo yisithunywaleso
🍒 Ukuphupha ukhuphuka intaba ungafiki phezulu⛰️kusho ukungaphumeleli kukho konke okwenzayo uzohlulephakathi NESIKHATHI
🍒Ukuphupha imigondi🕳️🕳️🕳️kusho ukuthi kukhona ozosishiya phakathi kwekhaya
🍒Ukuphupha ukuhloma kwezulu libe mnyama 🌑☁️kusho ukuthi kuzoshona umuntu ondumile noma obalulekhile.

1. Uhlushwa idliso - faka teaspoon eyodwa emanzini afudumalayo ihalf eyeglass uphuze ekuseni for 3 days2. Ulcers, acid a...
26/03/2026

1. Uhlushwa idliso - faka teaspoon eyodwa emanzini afudumalayo ihalf eyeglass uphuze ekuseni for 3 days

2. Ulcers, acid and heartburn, faka ihalf a teaspoon kuhalf a glass of water uphuze

3. inyawo ezinukayo uphosela half a teaspoon ezicathulweni or wenze ipaste and scrub inyawo ikakhulu phakathi kwamazwane, 10 mins every day okweviki lonke

4. Hlanganisa netoothpaste ukweshe amazinyo abamhlophe.

5. bad breath, faka ihalf a teaspoon emanzini afudumalayo and gargle

6. klinisa ifridge enukayo
-amakhwapha anukayo nekiwi, yenza ipaste and scrub


Amazah Dizamahleboh Mchunuu

Ukuthatha ijazi (isambatho somoya) yinqubo ebaluleke kakhulu egcwele inhlonipho, ukuhlakanipha, kanye nokulandela imiyal...
24/03/2026

Ukuthatha ijazi (isambatho somoya) yinqubo ebaluleke kakhulu egcwele inhlonipho, ukuhlakanipha, kanye nokulandela imiyalelo oyiphiwe emaphupheni noma ngezibonakaliso. Le nqubo ayifanani kubantu bonke ngoba kuncike ekutheni abakini bakuthuma ukuba ulenze kanjani,🙏🏻⚜️

​1. Ukubika iPhupho noma iSibonakaliso🥹
​Ngeke uvuke nje usuthatha ijazi ngoba uthanda. Isinyathelo sokuqala ukuhlangana nabadala noma umuntu okwelaphayo (ubaba/umama obheke amadlozi akini).
​Kwenziwa umsebenzi omnane wokubika (ukushisela impepho) ukutshela abaphansi ukuthi: "Silibonile ijazi elithile, sisalungisa izidingo zalo."

​2. Ukufuna iNdaba yeJazi (Ukukhethwa kwalo)😔🧿
​Ijazi alithengwa noma kuphi. Kumele kube yilo kanye elikhonjisiwe—kungaba umbala (obomvu, omhlophe, oluhlaza, noma onesikhumba).
​Kwesinye isikhathi kuyaye kudingeke ukuba ulibone futhi emaphupheni ukuthi lithungwa ngubani, noma kumele likhishwe emanzini (uma uyingane yamanzi).

​3. Umgubho Wokulihlanzisa (Ukuhlambulula)⚜️📿
​Ngaphambi kokuba uligqoke, ijazi kumele lihlanjululwe emanyaleni nasekuhlanganyeleni kwabantu bakulesi sikhathi.
​Imithi yokugeza: Kuvame ukusetshenziswa intelezi, ubulawu, noma amanzi olwandle/omfula kuye ngokuthi ukhonjisweni.
​Leli jazi lifakwa emanzini a***e mithi, lishiselwe impepho ukuze lihlukane nezandla zalabo abebelihlunga noma abebelidayisa.

​4. Umgubho Wokulethekelwa (Ukwamukela ekhaya)🥰
​Lolu usuku lapho kuhlatshwa khona isilwane (imbuzi noma inkukhu kuye ngokwemali namandla akhona) ukunika ijazi amandla nomoya.
​Igazi: Igazi lesilwane lisetshenziswa ukubika leli jazi emakhosini akini.
​Ukuhlala eMsamo: Ijazi libekwa emsamo ubusuku bonke lilele phezu kwempepho nesitsha samanzi, ukuze abaphansi balivakashele, balibusise, futhi balinike amandla abo.

​5. Ukugqokiswa (Ukuvunula kokuqala)⚜️📿
​Lokhu kwenzeka ngovivi (ekuseni kakhulu) noma ngesikhathi esishiwoyo.
​Umuntu okuthwasisayo noma omdala ekhaya ukugqokisa lona phambi komsamo.
​Kuyaye kube khona izithelo, utshwala besintu (umqombothi),

Isiduli sisetshenziswa kanje- uma kukhona owasekhaya osewashona kodwa ithuna lakhe anilazi, niyambiza es’dulwini - uma u...
12/03/2026

Isiduli sisetshenziswa kanje

- uma kukhona owasekhaya osewashona kodwa ithuna lakhe anilazi, niyambiza es’dulwini
- uma unombango wamadlozi ufuna ukuwushweleza ukuthi uphele
- uma izinto zakho zivalekile, uyayakuso uyocela khona
- uma idlozi lakho lithukethele udinga ukushweleza
- isiduli ungagezela kuso, uvalele isinyama namabathi phakathi kwaso
- siphinde sibe nobungozi ngoba umuntu angakuvalela kuso ukuze izinto zakho zingahambi kahle ne nhlanhla yakho ivaleke.
*Noma unengane eyadlula emhlabeni ungayazi,uthatha icibi uyogeza kwezu kwesiduli uyimemeze khona kuzovela ubulili nengane...🙏📿🕯️📿🕯️📿🙏

ukushaya UMHLAHLO/Ukuhlahluba/Ukuhlola ⚕️🐅🪔📿 Uyabona lana sikhuluma ngenhlolo enzima kabi 🧜‍♀️ lana ngiyaxhumana nesthun...
24/02/2026

ukushaya UMHLAHLO/Ukuhlahluba/Ukuhlola ⚕️🐅🪔

📿 Uyabona lana sikhuluma ngenhlolo enzima kabi

🧜‍♀️ lana ngiyaxhumana nesthunywa sakho ngikhulume nomoya wakho wedlozi ezingeni eliphezulu lokomoya.

🌊 Ngesikhathi salolu xhumano, kudalulwa izinto ezifihlekile 🤞 kungaba izinto ozaziyo noma ongazazi nhlobo.

🦒 Idlozi lakhi lixhumana nami , lizikhulumela lona uqobo ukuthi lingubani, livela kuphi, nokuthi lifuna ini kuwe.

🕯 Ngisho nomthakathi okuthakathayo uyadalulwa 😫 , kubonakale ukuthi ungubani nokuthi kungani enze lokho.

🦜 Islwane esizifihlile esihlule abelaphi , lana sibhekana nenkinga ngoba kuyocaca ukuthi singene nini , kanjani , nokuthi ubani osifakile

🛖 Lapha ngiyakutshela iqiniso elifihlekile mayelana nomndeni wakho, izinto ezenzeka ebumnyameni.

💫 ekugcineni iqiniso liyavela ngawe.
R275 ukushaya ukuhlola na online siyaqhuba nokukuhlolela 🐄 but ungakhanyisa ngokufikelayo n many more..........

☎️083 987 0269 /083 238 4596

With Dizamahleboh n Dr Mahlabezulu🐅🌊🪔

UMA WEMBETHWE UGOGO▫ Ukuthanda ukudlalisa izinyawo , zihlezi zinyakaza , abanye even esebuthongweni....▫ Iziyembezi ezis...
19/02/2026

UMA WEMBETHWE UGOGO

▫ Ukuthanda ukudlalisa izinyawo , zihlezi zinyakaza , abanye even esebuthongweni....

▫ Iziyembezi eziseduze , ukhala manje even elwa nomuntu uyakhala....

▫ Ukuthanda ukucula , kuvele kuthi acula nje eskhaleni....

▫ Ukuba nesikhwele esimenza akhale izinyembezi....

▫ Ukungazwani nokuhlala endaweni encolile, ususa ngsho iphepha elincane....

▫ Ukuthanda ukuhamba ngezinyawo noma izicathulo ezivulekile....

▫ Ukuthanda izingane ezincane , nazo ziyamuthanda.....

▫ Uzwelo lolu olumenza afune ukukhala izinyembezi....

▫ Uba nomkhuleko onamandla , izinyembezi zakhe zidala okubi....

▫ Uyazithanda , akahlali ngaphandle kwesibuko , uhlezi ezibuka.....

▫ Umoya ophansi loku okweqile, akakwazi ukulandula ukhipha ngsho into yokugcina....

▫ Ukuba nothando lolu olweqile, uma ethanda umuntu uyamthandisisa...

🐅🌊🪔

04/02/2026

1. Isangoma (Umuthi neZindiki)
Isangoma sihlola ngokusebenzisa amandla amadlozi (abaphansi). Indlela yaso yaziwa kakhulu ngokuthi ukubhula.
Indlela ahlola ngayo: Sivamise ukusebenzisa amathambo (izinhlamvu, izikhwama, nezinto zasolwandle). Lapho ephonsa amathambo, afunda indlela awe ngayo ukuze ezwe ukuthi amadlozi athini.
Isimo asuke ekuso:
Sivame ukusebenzisa izihlalo (izinduku zokushaya) noma amashoba.
Sivame ukububula noma sikhulume ngelimi lasendulo (ukukhonza kwedlozi).
Isangoma sisuke "sithwasa" noma sisebenzisa ingoma nezigubhu ukuze kuse amandla (trance).

Kudingeka umhloli (umvumisi) ozothi "Vuma!" lapho isangoma sishaya khona.
2. Umthandazi (Isiprofetho)
Umthandazi usebenzisa amandla omoya oyingcwele nezingelosi. Indlela yakhe ibizwa ngokuthi isiprofetho.
Indlela ahlola ngayo: Akasebenzisi mathambo. Usebenzisa umthandazo, amanzi, amakhandlela, noma ukubeka izandla. Ezikhathini eziningi "uyatshelwa" (izwi elingaphakathi) noma ubona imibono (visions).
Isimo asuke ekuso:
Usuke enyakaza, aqhaqhazele, noma abubule kakhulu (ukugcwala komoya).
Angase akhulume ngezilimi ezingaqondakali.
Uvamise ukugubha (ukuzungeza) ngenkathi eprofetha ukuze amandla omoya akhuphuke.
Usuke egqoke izingubo zesonto (izikhindi, amajazi emikhuleko, noma izinduku zobuprofethi).

3. Inyanga (Umuthi nezimpande)
Yize izinyanga eziningi zingafani nezingoma ngokubhula, ezinye zinayo leyo siphiwo. Inyanga igxile kakhulu ekwelapheni.
Indlela ahlola ngayo: Iningi lihlola ngokubheka izimpawu zomzimba (physical symptoms) noma ngokusebenzisa isibuko samadlozi.
Isimo asuke ekuso: Usuke ezolile kakhulu, egxile ekwazini ngezihlahla nezitshalo. Akavamile ukungenwa umoya ngendlela emandla njengesangoma, kodwa usebenza ngokuhlakanipha nangesipiliyoni sezamakhambi.

4. Isiyoni / Umboni (Visionary)
Lona ngumuntu osuke enesiphiwo sokubona into engakenzeki noma efihliwe ngaphandle kokusebenzisa amathambo noma ukugcwala umoya ngokweqile.
Indlela ahlola ngayo: Usebenzisa isibuko, amanzi esitshini, noma 🕯 🕯

Kunento engithanda ukunivula amehlo kuyo.Ngizobhala ngesizulu(My sincere apologies to those who will struggle to compreh...
21/01/2026

Kunento engithanda ukunivula amehlo kuyo.
Ngizobhala ngesizulu(My sincere apologies to those who will struggle to comprehend).
Someone asked me about the meaning or the message behind "A brown sac/sack" If you are shown or given as your spiritual garment, ancestral cloth or an item you will need in your Ndumba or into zokuphahla.

Ngizobuya nencazelo(manje ngifuna ukunivula umqondo ngohlanya). Kungani abantu abadala bevamisa ukuthumela imilayezo ngabantu esibabona nje ngohlanya?
Kungani noma uya emanzini noma endaweni ezinobungozi kuzovela uhlanya lukuxoshe noma likuthuse but later realize, you were being saved?
Kungani uhlanya lubona kungcono liphume ekhaya(inengi liyazihambela aluxoshwa), bayozehlalela ezigangeni?
Kuvamisile uhlanya ulithole ligcoke amasaka, noma ludonsana nosaka noma lungenalutho, induku kante uhlanya lwangempela alunandaba namali yomuntu, alikhathalele kuzwelwa futhi ngeke ulithole lucela okuthile emtwini.

Lokhu okubonayo kukhombisa ukuthi emhlabeni wezomoya, ukuhlanya kanye nobungoma/ubuthwa kuhlukaniswa ngentambo eyodwa encane kakhulu.
Laba bantu ababizwa ngokuthi "bayahlanya" emiphakathini yethu, esikhathini esiningi basuke bephethwe yimimoya yasendulo (Ancient Spirits/Primitive Spirits) eyenqabayo ukungena ezinhlelweni zaleli xesha esiphila kulo. Abantu sebeqala ukuqonda ukuthi "uhlanya" oluphatha induku nesaka lungase l**e yiSithunywa esizulazulayo (Wandering Messenger) esithwele imiyalezo yomhlaba ngenxa yalezi zizathu.

1. Izinwele Ezingagundwa (The Antennas)
Izinwele (ikakhulukazi amarasta azenzakalelayo, izigqutshana) zisebenza njengama-antennas okubamba imiyalezo evela emkhathini (Universe).

- Uma isithunywa sakho singasafuni ukuthi izinwele zigundwe, kusho ukuthi sifuna ukuhlala sixhumene "nezintambo" zomoya njalo. Umuntu "ohlanyayo" osenalezi zinwele usuke eboshelwe emoyeni, engasaphili ngengqondo yenyama.

2. Isaka (The Shield of Humility)
Isaka elifanekisela uMthwalo nomdaka wokuqala womhlaba. Emoyeni, isaka liyaqhubeka ibali....

Address

Ebambisana
Lusikisiki

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when You Are Really Apostolic Church in Zion posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share