30/05/2022
Izenzo 1vs 13-14
13Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe. 14Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.
Babuyela endaweni ababehlala kuyo kuleyondawo kwakwenza kubelula ukuxhumana komoya wabo mabe kuyo nomqondo wabo wawuba munye ngoba kulendawo ongena khona ufundiswa ukwenza okwakhona. Lithi bakhuleka nganhliziyonye belibandla kwakungekho noyedwa odlinza ngokwakhe njengoba ibandla lanamuhla lenza elizondana lodwa, lihlebana lodwa, libulalana lodwa kodwa lithi lingumzimba kakhristu.
Bekubiza ukuthi sibuyele kuposition ngoba okwenza bonke lobubi sigcine nomiya ongcwele saze sajwayela noma sesikhunzwa asikhuzeki lokhu sbambe elokwazi kanti esihamba naye usesishiyile.