20/03/2026
UKUBETHELA NGENYOKA NOMA NGENDODA ENGABONWA.
Intsha yamanje isithwalela imali kuphela kanti umnumzane emandulo wayethwalela nokuba umuzi wakhe uqine noma isibaya sakhe siyeluswe izifuyo uma zihambile zijike zodwa zingedingwe muntu. Umuzi womnumzane wawusala wodwa kungangeni kwasigebengu. Sasithi uma isigebengu sifune ukungena simoshe ekhaya noma sintshontshe imfuyo yomnuzane sivele sibone inyoka noma umuntu Thile. Leyonyoka noma umuntu thile akabonwa umuntu nje omsulwa..lezoziga zibonwa umuntu ofuna ukuganga. Ake ngithi qhaphu nje ngalena yokugada umuzi womnumzane
•Ikhanda lemamba noma imfezi ephelele
•Inhliziyo yenkunzi inkomo
•Umdlebe noma isandletshana
•Uvuka lona omayaka
•Umayisaka obomvu
•Usilepe
•Umaguqu
Neminye imithi engeke ngiyisho funa lana zikhona ingane ngoba nanku Facebook ubonwa nangubani.
Umnumzane uyayekhandelwe iselwa okuzongena yonke leyomithi beseligqiziswa ubuhlali obubomvu nobumnyama ebesetshelwa ukuthi alihlalisephi leliselwa libe unogada wasekhaya nezifuyo zomnumzane.