Gallile Faith Apostolic Church in Zion

Gallile Faith Apostolic Church in Zion Glory to Jesus

12/07/2023

Isaya
Isahluko 59

 
1 Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.

2 Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba angezwa. .

3 Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi, neminwe yenu ububi; izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.

4 Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.

5 Bachamisela amaqanda ebululu, baluka ubulembu bolwembu; odlayo amaqanda abo uyafa, okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.

6 Ubulembu babo abuyikuba yizingubo, futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo; isenzo sendluzula sisezandleni zabo.

7 Izinyawo zabo zigijimela ebubini, bashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yobubi; incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.

8 Indlela yokuthula abayazi, nokwahlulela akukho emikhondweni yabo; bazenzele izindlela eziyisigwegwe, bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.

9 Ngalokho ukwahlulela kukude nathi, nokulunga akusifumani; sihlalela ukukhanya, kepha bheka, ubumnyama; silindela imini, kepha sihamba ekuhlweni.

10 Siphuthaza udonga njengempumputhe, yebo, siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini njengasekuhweleleni; phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo.

11 Siyagwavuma sonke njengamabhere, siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.

12 Ngokuba iziphambeko zethu zandile phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nokona kwethu siyakwazi:

13 ukuphambuka nokumphika uJehova, nokumhlubuka uNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokwambuka, nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni.

14 Ukwahlulela kubuyiselwa emuva, nokulunga kumi kude, ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abunakungena.

15 Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango; uJehova wakubona lokho, kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.

16 Wabona ukuthi akukho muntu, wamangala ukuthi wayengekho omelayo; yayisimsindisa ingalo yakhe, nokulunga kwakhe kwamphasa.

17 Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha, wazembesa ukushisekela njengengubo.

18 Njengokwenza kwabo, kanjalo uyakubaphindisela: ukufutheka kuzo izitha zakhe, nokwenza kwabo kwabamelene naye, abuyisele eziqhingini izenzo zazo.

19 Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga, nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova.

20 “Kepha uyakufika eSiyoni engumhlengi, nakulabo abakwaJakobe ababuya eziphambekweni,” usho uJehova.

21 “Mina-ke, lokhu kuyisivumelwano sami nabo,” usho uJehova, “sokuthi umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho,” usho uJehova, “kusukela manje kuze kube phakade.”

01/07/2023

Eksodusi
Isahluko 13

 
1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2 “Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”

3 UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.

4 Namuhla niyaphuma, ngenyanga ka-Abibi.

5 Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.

6 Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, ngolwesikhombisa kube khona umkhosi kaJehova.

7 Isinkwa esingenamvubelo siyakudliwa izinsuku eziyisikhombisa; akuyikubonakala sinkwa esivutshelweyo kuwe, kungabonwa namvubelo ezweni lakho lonke.

8 Uzakutshela indodana yakho ngalolo suku, uthi: ‘Kungenxa yalokho uJehova angenzela khona ekuphumeni kwami eGibithe.’

9 Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.

10 Ngakho uyakuwugcina lo mthetho ngesikhathi sawo iminyaka ngeminyaka.

11 “Kuyakuthi lapho uJehova esezakukungenisa ezweni lamaKhanani, njengalokho wafunga kuwe nakoyihlo, akuphe lona,

12 wodlulisela kuJehova konke okuvula isizalo nawo onke amazibulo ezinkomo onawo; amaduna onke azakuba ngakaJehova.

13 Onke amazibulo ezimbongolo wowahlenga ngewundlu; uma ungawahlengi, wowaphula intamo; amazibulo onke abantu kumadodana akho wowahlenga.

14 “Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Kuyini lokhu?’ wothi kuyo: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, indlu yobugqila.

15 Kwathi uFaro evuma kalukhuni ukuba sihambe, uJehova wabulala amazibulo onke asezweni laseGibithe, amazibulo abantu namazibulo ezinkomo; ngalokho ngiyahlabela uJehova konke okuvula isizalo okungamaduna; kepha onke amazibulo amadodana ami ngiyawahlenga.’

16 Kuyakuba luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.”

17 Kwathi uFaro esebavumele abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabaholanga ngendlela yasezweni lamaFilisti, noma kwakuyiyona eseduze; ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa mhlawumbe abantu bazisole, nxa bebona impi, babuyele eGibithe.”

18 Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle Olubomvu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.

19 UMose wathatha amathambo kaJosefa, wahamba nawo, ngokuba wayebafungisile nokubafungisa abakwa-Israyeli, ethi: “Impela uNkulunkulu uyakunihambela nokunihambela, nikhuphule lapha amathambo ami kanye nani.”

20 Basuka eSukoti; baya bamisa e-Etamu eceleni kwehlane.

21 UJehova wahamba phambi kwabo emini ngensika yefu eyobahola endleleni, nasebusuku ngensika yomlilo eyobakhanyisela ukuba bahambe imini nobusuku.

22 Insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku ayisukanga ebusweni babantu.

28/06/2023

IsAmbulo
-->
Isahluko 21

 
1 Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.

2 Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.

3 Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo,

4 azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”

5 Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: “Bheka, ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.”

6 Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.

7 Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.

8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”

9 Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikukhombise umlobokazi, umkaWundlu.”

10 Yamuka nami ngikuMoya, yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi ongcwele waseJerusalema wehla ezulwini kuNkulunkulu,

11 unenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kwakunjengetshe elinenani elikhulu sengathi yitshe lejaspi elicwebezelayo,

12 unogange olukhulu noluphakemeyo, unamasango ayishumi nambili, nasemasangweni kukhona izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli;

13 ngasempumalanga kwakukhona amasango amathathu, nangasenyakatho amasango amathathu, nangaseningizimu amasango amathathu, nangasentshonalanga amasango amathathu.

14 Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, naphezu kwazo amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.

15 Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo.

16 Umuzi umi unezinhlangothi ezine, nobude bawo bungangobubanzi bawo. Walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kulingene.

17 Walinganisa ugange lwawo, izingalo eziyikhulu namashumi amane nane, yisilinganiso somuntu esingesengelosi.

18 Nogange lwawo lwakhiwe ngejaspi, nomuzi wawungowegolide elihle, linjengengilazi ecwebezelayo.

19 Izisekelo zogange lomuzi zivunulisiwe ngawo onke amatshe anenani elikhulu; isisekelo sokuqala siyijaspi, esesibili yisafire, esesithathu yikhalkedoni, esesine yisimaragidu,

20 esesihlanu yisaridonikisi, esesithupha yisardiyu, esesikhombisa yikrisolithe, esesishiyagalombili yibherile, esesishiyagalolunye yitopazi, eseshumi yikrisoprasi, eseshumi nanye yihiyakinte, eseshumi nambili yi-amethiste.

21 Amasango ayishumi nambili ayengamaparele ayishumi nambili; yilelo nalelo sango ngalinye laliyiparele linye. Isitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ekhanyayo.

22 Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uMninimandla onke, iyithempeli lawo kanye neWundlu.

23 Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.

24 Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo;

25 namasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho;

26 bayakuletha ubukhosi nodumo lwezizwe.

27 Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.

26/06/2023

Hoseya
Isahluko 8

 
1 “Beka icilongo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaJehova; ngokuba beqile isivumelwano sami, baphambuka emthethweni wami.

2 Bakhala kimi ngokuthi: ‘Nkulunkulu wethu, thina Israyeli siyakwazi.’

3 U-Israyeli ukulahlile okuhle; isitha siyakumxosha.

4 Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi; bamisa izikhulu, ngingazi; isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo, ukuze banqunywe.

5 Ithole lakho, Samariya, linengekile; intukuthelo yami iyabavuthela; koze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?

6 Ngokuba livela ku-Israyeli; umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu; yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.

7 “Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; izele alinahlumela, alivezi impuphu; uma liyiveza, iyakuqedwa ngabafokazi.

8 U-Israyeli uyagwinywa; manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho intokozo kuso.

9 Ngokuba benyukele e-Asiriya bezihambele njengezimbongolo zasendle; u-Efrayimi uyaqasha ngenkokhelo yothando.

10 Noma beqasha phakathi kwabezizwe, manje sengiyakubabutha, bakhululwe kancane emthwalweni wenkosi yezikhulu.

11 “Ngokuba u-Efrayimi wandisile ama-altare aba ngukona; ama-altare ayakuba ngukona kuye.

12 Noma ngimlobela imithetho yami kaningi, iyashaywa okungaziwayo.

13 Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba, bayidle inyama, kepha uJehova akayenameli. Useyakhumbula ububi babo, abahambele ngezono zabo, babuyele eGibithe.

14 Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe, wakha izindlu zamakhosi, noJuda wandisile imizi ebiyelweyo, ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zayo zobukhosi.”

23/06/2023

Filipi
-->
Isahluko 3

 
1Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.

2 Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika.

3 Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,

4 nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu;

5 ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi;

6 ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.

7 Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.

8 Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu,

9 ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,

10 ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe,

11 uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo,

12 kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu.

13 Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili,

14 ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

15 Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,

16 kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowo mkhondo.

17 Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini.

18 Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu,

19 abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.

20 Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,

21 oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.

22/06/2023

Duteronomi
Isahluko 33

 
1 Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:

2 “UJehova wavela eSinayi, wabaphumela evela eSeyiri, wanyampuza entabeni yasePharanu, weza ephuma ezigidini zendawo engcwele; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.

3 Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.

4 UMose wasiyaleza umthetho, ifa lenhlangano kaJakobe.

5 Waba yinkosi eJeshuruni, lapho izinhloko zabantu zazibuthene, zonke izizwe zakwa-Israyeli zindawonye.

6 “Makaphile uRubeni, angafi; amadoda akhe abe ngumumo omkhulu.”

7 Nalokhu wathi ngoJuda: “Yizwa, Jehova, izwi likaJuda, umlethe kubantu bakubo; izandla zakho mazimlwele, ube lusizo kwabamelene naye.”

8 NgoLevi wathi: “AmaThumimi nama-Urimi akho akuye othembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba,

9 owathi ngoyise nangonina: ‘Angibabonanga,’ angabavuma futhi abafowabo, angabazi abantwana bakhe, ngokuba baliqaphele izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.

10 Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-altare lakho.

11 Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.”

12 NgoBenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”

13 NgoJosefa wathi: “Izwe lakhe malibusiswe nguJehova ngamagugu asezulwini, nangamazolo, nangotwa olwenabileyo phansi,

14 nangamagugu ezithelo zelanga, nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,

15 nangezinto ezinqabileyo zezintaba zamandulo, nangamagugu amagquma angunaphakade,

16 nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo, nangentando enhle yowahlala esihlahleni; isibusiso masifike ekhanda likaJosefa nasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.

17 Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”

18 NgoZebuloni wathi: “Yenama, Zebuloni, ekuphumeni kwakho, nawe Isakare, ematendeni akho.

19 Bayakubizela izizwe entabeni, bahlabele khona imihlatshelo yokulunga; ngokuba bayakumunca inala yezilwandle, nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi.”

20 NgoGadi wathi: “Makabusiswe owandisa uGadi: uhlezi njengengonyamakazi, udwengula ingalo nokhakhayi.

21 Wazikhethela isabelo sokuqala, ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli; wahamba nezinhloko zabantu, wafeza ukulunga kukaJehova, nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.”

22 NgoDani wathi: “UDani uyibhongo lengonyama, elixhumayo, liphuma eBashani.”

23 NgoNafetali wathi: “Nafetali, wanelisiwe ngomusa, ugcwele isibusiso sikaJehova: yidla wena intshonalanga neningizimu.”

24 Ngo-Asheri wathi: “U-Asheri makabusiswe phezu kwabantwana, amukeleke kubafowabo, acwilise unyawo lwakhe emafutheni.

25 Imigoqo yakho iyakuba ngeyensimbi neyethusi, nanjengezinsuku zakho oba njalo amandla akho.

26 “Akakho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni, okhwela izulu ukuyokusiza, nomkhathi ngokuphakama kwakhe.

27 UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo, nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho, wathi: ‘Chitha.’

28 U-Israyeli usehlezi elondekile; umthombo kaJakobe wahlukene wodwa ezweni lamabele nelewayini; yebo, amazulu akhe aconsisa amazolo.

29 Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”

23/05/2023

Amose
Isahluko 8

 
1 INkosi uJehova yayisingibonisa kanje: bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo.

2 Yathi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.” Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.

3 “Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!”

4 Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe,

5 nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni, senze i-efa libe lincane, senze ishekeli libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise,

6 ukuze sithenge abampofu ngesiliva nabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo, sithengise ngamahlunge kakolweni.”

7 UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.

8 “Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho, balile bonke abakhileyo kuwo, na? Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile, unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.

9 “Kuyakuthi ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova, “ngilishonise ilanga emini, ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.

10 Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”

11 “Bhekani, izinsuku ziyeza,” isho iNkosi uJehova, “lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi yindlala yezinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.

12 Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga, bahambahambe ukufuna izwi likaJehova, kepha abayikulifumana.

13 “Ngalolo suku izintombi ezinhle nezinsizwa ziyakudangala ukoma.

14 Abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’ nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’ bayakuwa, bangabe besavuka.”

26/04/2023

God is gr

24/10/2022

let praise the lod everywhere everttime everyminute

Address

Johannesburg

Telephone

+27739159381

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Gallile Faith Apostolic Church in Zion posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share