Corinthian Church Of South Africa-Hlabazihlangane_izingolweni

Corinthian Church Of South Africa-Hlabazihlangane_izingolweni D Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.

03/09/2022

13/08/2021

Prayer/umkhuleko

Nkulunkulu mnini wamandla wonke ngiyazithoba phambi kobuso bakho , ngiyazi ngiyisoni kodwa ngicela intethelelo. Namhlanje ngicela ukukhulekela yonke imindeni eshiwe izihlobo, amalunga emindeni kanye nabangani, ngicela ubaqinise, ubabophe ngebhande likamoya bangasuki kuwe nona sekunje.

Ngicela ukuthi ubangcwelise, ubaduduze wena ngenduduzo yase zulwini ngoba asinawo anandla wokubaduduza, imizimba yethu isindwa izindaba , igazi , umona , izono ..... ngicela nakuyona ingilozi yama Golden isivikele kuyona yonke imimoya engalungile , uphinde iqhubeke nokusivikela kulesifo esibhidlangile .

Engikucela kakhulu kuthi sifane "NEZAZI ZASE MPUMALANGA" ezazilandela , ezayilandela zaze zafika lapho eyayiya khona. Ngicela uNkulunkulu asisize siyilandele ngokwethembeka nangokukholwa kweqiniso.

Ngicela usiphe u , kanye .

Konke lokhu ngikucela kwelihle igama lenkosi yethu Jesu Cristu

Amen

Send a message to learn more

09/08/2021
Inkonzo ka July Date: 30 July(friday) -01 August 2021(Sunday)Venue: Enkanyezini Izinhlelo zimi kanjeInkonzo iqala mhlaka...
28/07/2021

Inkonzo ka July

Date: 30 July(friday) -01 August 2021(Sunday)

Venue: Enkanyezini

Izinhlelo zimi kanje

Inkonzo iqala mhlaka 30 ngolwesihlanu.

Emini ngomgqibelo sizosebenzisa uhlelo langonyaka odlule, lapho amabandla ayefika angene anikele athole lokho okulungisiwe, abese kungena abanye ngokudedelana ukugwema isiminyaminya ngaphakathi nasegcekeni.

Uma ungeke ukwazi ukuphumelela ebusuku likhona ithuba emini nangomgqibelo.
Ebusuku inkonzo iyoqala ngo 8, kuyobe kugcotshwa futhi ebusuku.
Kusho ukuthi uma ibandla lizogcoba kumele lifike ngolwesihlanu nangomgqibelo ebusuku.
Ngesonto uma ungakwazanga ukuphumelela nasemini lizoba khona ithuba lokuletha iminikelo.

Izivatho umnazaretha owhite one binding nomabe imuphi umbala.

Izingane ezisencane sicela zibesemakhaya.
Wonke umuntu oza esontweni afake imask angayibeki esilevini. Nama sanitiser uma unayo, kumele siqikelele ukuphepha abese siphephisa nabanye.
Ngicela umyalezo niwudlulise nakwabanye.

14/07/2021

Ayikho indlela esingakhuluma ngayo noJehova, ukukhuleka kuphela nokuzondla ngezwi "elingcwele" hayi noma iliphi ngoba maningi amazwi khona amahle, namabi kepha ngicela sigxile kwaNGCWELE

Ngicela ukunipha izwi losuku engilithabathe ku Maheberu 10

22
masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;
23
masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo;
24
masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,
25
singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

Congratulations πŸŽŠπŸŽ‰πŸŽˆOnother graduate from our Branch(Izingolweni) PenPenny Mlungu HlopheuPenny Mlungu HlopheoPenny Mlungu...
05/07/2021

Congratulations πŸŽŠπŸŽ‰πŸŽˆ

Onother graduate from our Branch(Izingolweni) PenPenny Mlungu HlopheuPenny Mlungu HlopheoPenny Mlungu Hlophekulunkulu akubusise, akuvulele namathuba omsebenzi.

23/06/2021

Nawe   awumncinyane nakancane . Siyabonga President ngeziyalo zakho.
20/06/2021

Nawe awumncinyane nakancane . Siyabonga President ngeziyalo zakho.

   Yobonana enkanyezini ngolwesihlanu . Obani esobe sinabo eNkanyezini ?
16/06/2021




Yobonana enkanyezini ngolwesihlanu . Obani esobe sinabo eNkanyezini ?

Delayed postKhona leh
21/05/2021

Delayed post

Khona leh

14/05/2021

Khona leh ENkanyezini

Address

Po Box 41
Izingolweni
4260

Telephone

+27835942345

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Corinthian Church Of South Africa-Hlabazihlangane_izingolweni posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share