Arch Bishop D.L Kolla

Arch Bishop D.L Kolla Holy Ambassadors Of God
Church Revival

06/01/2025

Zikhona izimo ezinzima empilweni yomuntu, angeke akwazi ukuzinqobela yena ngaphandle kwa nNkulunkulu.
Amahubo:50v15
Izwi lithi ngibize ngosuku lokuhlupheka ngizokukhulula wena uyakungidumisa.

05/01/2025

Kwa Base Efesu 5:22-25
1KaJohane 2:9-12
Kunohlobo labantu engaze ngalijabulela o Mama abangaba hloniphi abayeni babo.
Nama doda angathandi omkawo
Nabafundisi abandlala ngabantu.

07/06/2024

Zikhona izinto uNkulunkulu azidingayo kithina ukuze akubusise pho ungakwazi kanjani ungangeni endlini yakhe ungayazi indlu yakhe

22/11/2023

Ukufa kuNkulnkulu ukuthola ngalendlela
Inkokhelo yesono ingukufa khepha isipho somusa sika Nkulunkulu singukuphila okuphakade Ku Kristu Jesu iNkosi yethu Roma:6v23) angaphila kulomhlaba kodwa uma ufile Ku Nkulunkulu, kumele ukwazi ukuthi lokho kuphila kuyize.

20/11/2023

Kudingeka uzinikele ngokupheleleyo kuJesu

Ngelinye ilanga uJesu elandelwa abantu abaningi waphenduka wakhuluma amazwi abukhali kakhulu Kubo. Namanje usawakhuluma Kubo bonke abafuna ukumlandela .waphetha ngezwi elithi kunjalo yilowo nalowo Kini ongavalelisi nakho anakho angebe umfundi wakhe Luka:14v33) uma siyifunda yoke indaba sizobona ukuthi ukusholoni. Ukusho ngoba kuyakhiwa indlu eyakhiwayo kudingeka iphele. Futhi kuyakhiwa sibhekene nesitha esinamandla. Asinakuphumula kulempi uma singazideli sikushiye konke okwethu. Ukuzinikela ngokupheleleyo kusho lokho.konke okunye esikuthandayo kufuneka kubesengathi siyakuzonda ngoba sizinikele kuJesu ngokupheleleyo.

19/11/2023

Okholwa uJesu unokuphila okuphakade
Jesu uthi okholwa yindodana unokuphila okuphakade, Joh:3v36) akusho ukuthi uzokuphiwa uma esefile.Uthi unakho lapho ekholwa nguye.
Masiqaphele ukuthi ukukholwa kuyini.
Okholwa uJesu uyamamukela
Okholwa uJesu uyanethemba
Okholwa uJesu uyamlalela
Okholwa uJesu uyazinikela kuye
Lowo okholwayo ngalendlela uyahlangana noJesu abemunye naye ngoba uyamamukela, amethembe, amlalele, azinikele kuye. Uma ehlangene no Jesu uhlangana nokuphila lokho anakho yena ukuphila okuphakade okungapheliyo. Kusobala ukuthi ukuphila okuphakade akusikho ukuhlala ezulwini kuphela singafi kungukuphila okusha, kwasezulwini esikuthola lapho sihlangana noJesu ngokukholwa.sikuthola sihamba lapha emhlabeni siphile impilo ebuswa uJesu Kristu.

18/11/2023

Ukuze ubengowakhe kukhona lapho kumele udlule khona awukwazi ukubangowakhe ungadlulanga khona Johane:14v6 uJesu uthi mina ngidlala eyaku Nkulunkulu ngaphandle kwami ngeke ufike kuye. Kusho ukuthi ngeke umbone ngisho nokumbona.

18/11/2023

Bonke abamukelayo wapha ukuba babe ngabantwana baka Nkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe Johane:1v12.
Ukumamukela uJesu kusho ukumethemba nokumvumela ukuba asibuse empilweni yonke yethu lokho kungenziwa wumuntu ophendukileyo kuphe Lowo okwenzayo uyamzala ngokusha uNkulunkulu amnike ilungelo lokuba abengumtwana wakhe.

16/11/2023

Ukuthethelelwa kulandela ukuvuma
Uma sizivuma izono zethu uthembekile ulungile ukuba asithethelele izono asihlambilule kukho konke ukungalungi.1Johane:1v9)Lamazwi ayisithembiso, ayangijela ukuthi uma mina nganza into ethile uNkulunkulu uzokwenza okwakhe naye,okwami kungu zivuma izono,okwakhe kungukuthetbelela.Uma mina ngikwenza okwami ngingaba negunya lokwazi ukuthi yena uyakwenza okwakhe ngoba uthembekile ulungile.Imi kanjalo indaba yo kuthethelelwa .Lowo omukelayo azivume izono zakhe engazenzisi,azishiye akholwe uJesu omfelayo , usengabanengunya lokwazi ukuthi uthethelelwe izono zakhe. Kanjalo ngoba etshelwa yinhliziyo yakhe unalo ngoba isithembiso sikaNkulunkulu sisho njalo.

16/11/2023

Ukuthethelelwa kutholwa ngesihle
Izwi lithi sinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe.Efesu:1v7 kulamazwi siyathola ukuthi sithethelelwa ngomusa.lokho kushoukuthi sikuthola ngesihle singafanele kodwa noma thina sikuthola kanjalo, sakuthengelwa ngetengo enkulu sakuthengelwa uJesu lapho esifela esiphambanweni wathwala icala lethu, Wafa endaweni yethu.Wafa ukufa okwakufane thina wasivulela kanjalo isango lokuthethelelwa.walikhoka lonke icala lethu wasihlenga ngokufa kwakhe, ngakho thina sithethelelwa ngesihle.

14/11/2023

Omunye uthi angisazi isono ukuthi yini, kumele ukuthi qala uma uzofundisa umuntu ngezwi lika Nkulunkulu, uwazi ukuthi yini izono ngoba awukwazi ukufundisa omunye umuntu ngoNkulunkulu ungazi ukuthi indlela yakhe ihamba kanjani.izono wukwenza izinto ezingathandeki phambi kobuso bukaNkulunkulu.zincane noma zikulu njengoba lithi izwi kuye izono ziyafana asikho esikhulu asikho futhi esncani isibonelo.Galathiya kepha imisebenzi yenyama isobala engukuthi ubufebe,nokuncila, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokuhlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela nokunjalo,engandalula ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso ka Nkulunkulu, konke lokhu kuyizono phambi kobuso bakhe yilokhu okuthiwa yizinengiso

14/11/2023

Omunye umuntu uthi mina angizazi izono ukuthi ziyini, kufanele ukuthi uma ufundisa umuntu ngezwi lika Nkulunkulu uqale uzazi izono ukuthi yini, awukwazi kufindisa umuntu ngezwi lika Nkulunkulu kodwa ungazi ukuthi indlela yakhe ihanjwa kanjani.izono ukwenza izinto ezinga thandeki phambi kobuso bukaNkulunkulu, ezingamjabulisi uNkulunkulu.

Address

2678 Emalangeni
Hammarsdale

Telephone

+27787382030

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Arch Bishop D.L Kolla posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Place Of Worship

Send a message to Arch Bishop D.L Kolla:

Share

Category