Uvuko lwama Krestu

Uvuko lwama Krestu The Resurrection of Christ Church(Uvuko lwama Krestu)

This is a newly formed Zionist church, which is a non profit organization.The mission is to preach gospel all over the world, taking care of the disabled, orphans and people infected and affected by HIV epidemic.

Johanne 13 verse 10_11Ogeze izinyawo ugezekile wonke kodwa hay Nina nonkeMzalwane kuvuka lelo lizwi elashiwo u Krestu ku...
09/07/2022

Johanne 13 verse 10_11
Ogeze izinyawo ugezekile wonke kodwa hay Nina nonke

Mzalwane kuvuka lelo lizwi elashiwo u Krestu ku Simon Petro lapho ke usethola impendulo eyindida ethi ogeziwe akasadingi lutho ngoba ngokugeza izinyawo usegezekile

Uyaqhubeka khona lapho uthi angisho Nina nonke ngoba emazi ozomkhaphela ukugcwaliseka kwesivumelwane sokuthi uyohlatshwa njenge vukuthu ukuze sisinde bese sisindiswa kuye

Nansoke I challenge kuwe Mzalwane ngabe ugezekile wonke na? Ngabe akuwena ozomkhaphela na?

Inkosi inibusise silungiselela inkoñzo yangesonto naka July bazalwane

Umkhosi wephasika
18/04/2022

Umkhosi wephasika

Amen bazalwaneSibongile imvuselelo yangesonto ngamazwi ahlakaniphile ka Aguri kwiZaga 30verse 6 to 9Dedisela kude okuyiz...
05/04/2022

Amen bazalwane
Sibongile imvuselelo yangesonto ngamazwi ahlakaniphile ka Aguri kwiZaga 30verse 6 to 9
Dedisela kude okuyize namanga
Unganginiki ingcebo nobuphofu kodwa isinkwa osiimiseleyo.....funa ngisuthe ngibuze Nkulunkulu ukuthi Ungubani....funa ngebe ngilone igama lakho!!!

Asilunge bangcwele umkhosi wephasika ususondele

Nkosi ibusise nisalungiselela

03/10/2021

Amen ma T.R.C.C. amahle sibonge kakhulu ngomsebenzi omuhle eniwenzile sifihla e Bhamshela.......enikwenzile nikwenze nakwabanye
Ameeen

20/05/2021

Amen ma TRCC amahle sidlulisa ukubonga ukuphumelela kwenu for rehearsals ngezi 15/05/21 njengoba kwakuhleliwe

Siyabonga kunina base Mtuba,DBN, Ntuzuma,Moriah,Mlazi,Chesterville isandla sidlula ikhanda engathi ngokulandelayo singaphelela sonke as Youth yebandla

Sizohlangana futhi njengoba kuhleliwe uma kunoguquko olukhona niyokwaziswa

Amen......Nkosi inibusise

15/04/2021

Amen bazalwane ......asibonge kakhulu ngezithupha zenu kuleli page(likes) inkosi inibusise kusukela ngo August sizoqala si poste ama video ebandla namanye amabandla khona lapha

16/03/2021

Amen ma T.R.C.C.amahle

Njengoba ubuholi bebuhlangene ngomhlaka 13/03/2021 emhlanganweni kube sekuthathwa isinqumo sokulihoxisa iphasika ngenxa yemibandela ebekwe uhulumen ethinta ukuhlangana kwabantu

Ubuholi buyaxolisa ngokuphazamiseka okube khona. Niyanxuswa ukuba niqhubeke ngokuzivikela kulolu bhubhane

Inkosi inibusise inigcine esandlen sayo somusa

08/02/2021

Amen bazalwane ngesonto elizayo siyaqala ukukhonza njengoba sesivumelekile ngokuka hulumeni

Siyanxusa asebekhulile ngeminyaka ukuba baqhubeke bahlale emakhaya Niyacelwa bazalwane ukuba nilandele imithetho ebekiweyo uhulumeni ukulwisana nalolu bhubhane

Inkosi inibusise nisalungisalela
Ameen

24/12/2020

Amen bazalwane

Sekuyisikhathi sokuphela konyaka yebo siyazi ukuthi lonyaka awubanga muhle ngenxa yezinselelo esihlangabezene nazo siyibandla kodwa ngomusa ka Nkulunkulu kwenzekile konke

Sibonile amalunga ethu nabahlobo bethu behlaselwa ilomkhuhlane kodwa u Jehovah emuhle njalo wabahlenga

Manje sekuyisikhathi sokuyohlanganyela nemindeni yethu sigubha amaholidi okuphela konyaka kanye nocibijana

Siqhubeke nokuzinakekela sijabule sizibheke sihloniphe imithetho ebekiwe uhulumeni zokuphepha kulo mkhuhlane

Ngithi Merry Christmas and a HAppy new year kunina nonke bazalwane nezihlobo zethu zonke....Jehovah anigcine niphephile

I thank you...God Bless y'all in Jesus name Ameen🙏🙏🙏

Address

2069 Umhlwampunzi Road, Mount Moriah
Ethekwini

Telephone

+27744017688

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Uvuko lwama Krestu posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Place Of Worship

Send a message to Uvuko lwama Krestu:

Share