30/12/2015
ABEFUNDISI ABASEBANCANE NOKUNYUKEKA KWABO
Abefundisi abasebancane banezinselelo ezimbalwa ababhekane Nazo ebandleni nasemphakathini okuyilezi:
1. Umphakathi awumemukeli ngokuphelele
2. Abagcotshwa ngenhlonipho nesizotha
3. Abaholi abadala ababafuni emabandleni
Makengithi ukwenaba ngalamaphuzu angenhla:
KUNGANI UMPHAKATHI UNGABEMUKELI?
Seziningi izigameko la abagcotshwa beNkosi abasebancane betholakala emahlazweni omjolo namalungu ebandla, nezingane zasemphakathini l okho kunciphisa ukwethembakala kwezisebenzi seNkosi ezisencane nezingakaganwa
Abanye emphakathini bakholwelwa ekutheni akube umuntu osekhulile,oganiwe bese ehola ke ibandla kanjani nakwamanye amahlelo athi akube okhulile umuntu onguMfundisi.
Umphakathi kawubathandisisi abafundisi abasebancane ngenxa yendlela abashumayela ngakho emingcwabeni,ezimvuselelweni zamatende,bahlaba kakhulu ulimi olungaqoqekile oluhlaphazayo noluhlambalazayo lapho beshumayela kubantu.
Izinga lokungafuni ukufunda nokusebenza lihlasele kubefundisi esithi basebancane, lokho kwenza ukuba befune ukuphila ngeminikelo, nayo umphakathi othi bayabagebenga ngendlela abawubiza ngayo umnikelo.
KUNGANI BENGAGCOTSHWA NGENHLONIPHO?
Uma kugcotshwa inceku kuba indumezulu yenkonzo izinqwaba zezinceku ezikhulile zizolulela izandla zazo kulowo ogcotshwayo bese bemeluleka ukuthi lendlela ihanjwa kanjani.
Sekukancane ubona kwenzeka lokho lapho kugcotshwa umfundisi osemcane, sekuba umgcobo ongenaso isigqi osuke uncikiswe enkonzweni ethile njengePhasika, inkonzo yabasha nezinye ngokomthetho usuku lomgcobo luyazimela nje lungancikiswa enkonzweni ethile kodwa namuhla sekubanjalo ngenxa yokungahlonipheki kokugcotshwa kwabefundisi abasebancane lokhu kudalwa ukungabi bikho kobudlwelwano obuhle phakathi kwabafundisi abasebancane nalabo asebezingwevu.
Bagcotshwa kube kunokungabaza ngoba olunye uhlangothi lukhala ngokuthi "usemcane" ,"akaganiwe"; "akakavuthwa kahle" , kuningi okusuke kushiwo lokhu kwenza inkonzo yomgcobo ibelula nje lokho kubangela ukuthi ingapheleliswa inkonzo yokugcotshwa kwabefundisi abasebancane ngenxa yokungathazwa kwabo.Olunye uhlangothi oluyimbijana lusuke luthokozile ngoba lukholelwa kumfundisi omncane futhi lumethemba.
KUNGANI BENGABATHANDI ABAHOLI ABADALA.
Izingwevu zabefundisi nazo azibathandisisi abefundisi abancane,bakhala ngokungalaleli kwezinceku ezisencane nokufuna ukuletha uguquko eziningi ebandleni ngale kokuthi zicubungulwe lezo zinguquko, emahlelweni amadala bakhononda ngokufakwa kwevangeli lensindiso abathi ayifakwa ngendlela okuyiyo, yize nazo izingwevu zingayikhombi indlela okumele ifakwe ngayo lendaba yensindiso. Lokho kuholela ekutheni bagcina bephumile abafundisi abancane emabandleni bese koqala amabandla abazoshumayela kuwo lendaba.
Abafundisi abancane abafuni ukuthatha izifundiso zebandla kubaholi abadala bafuna ukufaka okwabo uma kungemukeleki bakwenza ngenkani. Lokho kugcina kulihlukanisa phakathi ibandla libe lilodwa.
Izikole zobunzulu lwazi ngoNkulunkulu nebhayibheli zinezifundo eziqeqesha abefundisi ukuba beshumayele behambisane necentury esikuyo lokho kwenza ukuba abafundisi abadala abangafundanga nabafunde kudala bese bengaluthuthukisi lwazi lwabo basilele emunva ngolwazi osuke seluqukethwe abefundisi abasebancane bese ukuba nokugquzulana kwemibono nokusebenza ebandleni.
Ekugcineni abefundisi abancane emabandleni abanikwa amathuba okusebenza ngokukhululeka.
Lapha bengibalula nje izingqinamba ezibhekene nabafundisi abasebancane emsebenzini wevangeli,ngokulandelayo ngobhala ngezixazululo zalezi nkinga.
Dr, Past. Sibusiso Shobede (Doctor in Biblical Education )