Umkhumbi wendumiso yabancwele church of Christ in Zion

Umkhumbi wendumiso yabancwele church of Christ in Zion Kuyaphilwa aphaa ekhaya ♥️.. silwela izulu nomusa wakhe nje kuphela ♥️♥️♥️👏

10/11/2023

Enkonzwen yabasha ... Ngey11🔥♥️🌹

28/10/2023

yabancwele church of Christ in Zion....

28/10/2023

AmaHubo 139:16
Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.

Nasiphi isimo obhekene naso uyasazi uNkulunkulu, futhi wasazi useyihlule.

Wazi ne decision ozoyithathatha upon isimo.

Yikho ethi uDavide, izinsuku zahlelwa NguThixo emazulwini.

Zingakafiki ziyaziwa.

UNkulunkulu wayazi ukuthi uFaroah uzonqaba ukuba ukuba uIsrael aphume eGibithe.

Lithi izwi U-Eksodusi 14:8
UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.

Yenziwa uJehova ukuba ibe lukhuni inhliziyo kaFaro ukuze kufezeke icebo lakhe.

Athi uJeremiya 1:5
“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.”

Saziwa kudala, sanikwa amagama, sanikwa imisebenzi.

Siyabonga Thixo wethu osazi kahle, owasazi nosasazi namanje.

Singayaphi Dwala lethu uma sisuka kuwe, ngokuba amandla okuphila kwethu aphelelisiwe kuwe.

Udumo lonke lungolwakho namandla nenkazimulo kuze kube phakade naphakade.
Amen

28/10/2023

.Amahubo 139
1. Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.

2. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,
uqonda umcabango wami ukude.

3. Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami.

4. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,
ongalaziyo ngokupheleleyo.

5 Ungizungezile ngasemuva nangaphambili,
wabeka isandla sakho phezu kwami. ❤️

19/10/2023

OFUNDAYO AQAPHELE

AmaRoma 13 vesi 11 Yenzani lokhu njengokuba n**i isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso,12 Ubusuku sebuyaphela imini isisondele ngakho ke asilahle imisebenzi yobumnyama sihlome izikhali zokukhanya,13 Asihambe ngokufaneleyo njengasemini kungabi ngokuminza nokudakwa kungabi ngobufebe namanyala kungabi ngokuxabana nomhawu,14 kodwa yembathani iNkosi Jesu Kristu ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.

19/10/2023

Nkocy siphe amandla ... ♥️🔥

13/10/2023

Expect good news today💯🥂

13/10/2023

Unkulunkulu anibusise .. sisaya enkonzwen yabasha ♥️🔥..

Lapho sobe sibuyisana ngemibono yempilo

yabancwele

13/10/2023

It's Gods' day ❤️‍🩹.💐

Umshumayeli 3

Konke kunesikhathi sakho yonke indaba inomzuzu ngaphansi kwelanga.
Kunesikhathi sokutshala kunesikhathi sokusiphula okutshaliweyo.
Kunesikhathi sokuhleka kunesikhathi sokuphatheka kabi.💐❤️

13/10/2023

UMSHUMAYELI 1 vs12

KONKE KUYIZE.
1.ize leze,usho umshumayeli;
Ize leze,konke kuyize.
2.kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi kwelanga na?
3.isizukulwane siyamuka,isizukulwane siyeza,kepha umhlaba umi phakade.
4.ilanga liyaphuma,ilanga liyashona,lishesha ukua endaweni yalo lapho liphuma khona.
5.umoya uta ngaseningizimu,uzungeze,uye ngasenyakatho;uzungazungeza njlo ekuhambeni kwawo,nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.
6.yonke imifula iyangena elwandle,kepha ulwandle alugcwali,endaweni eya kuyo imifula,ibuye iye khona njalo.
7.zonke izinto ziyakhandleka,akakho ongakuphimisa;iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.
8.okwake kwaba khona yikho okuyoba khona, nokwake kwenziwa yikho okuyokwenziwa ; akukho okusha phansi kwelanga.
9.kukhona yini into okuthiwa ngayo; Bheka intsha le. Yayikhona nasemandulo ayephambi kwethu.
10.akukho ukukhunjulwa kwazebephelile; nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo phakathi kwabalandela bona.

13/10/2023

UMSHUMAYELI 10 : 9 & 10

9. Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.

10. Khipha usizi enhliziyweni yakho, udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.

NIDUMISE KAHLE BAZALWANE ❤ 🙏🏽 ❤🙏🏽❤

Address

Near Mkhonto High School
Empangeni

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umkhumbi wendumiso yabancwele church of Christ in Zion posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share