Ekhaya Christian Family Church

Ekhaya Christian Family Church Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Ekhaya Christian Family Church, Religious organisation, Umlazi Q community hall, Durban.

17/05/2024
10/04/2022
05/04/2021

Amen bazalwane

Inkonzo ikhona endaweni yethu, next to clinic kwaQ every Sunday's
9 am

Thank you 🙏

Asifunde ukubambisana. Sithande omunye nomunye. Ngalokho a makhaya ethu azobastrong, sakhe nemphakathi estrong.
11/02/2021

Asifunde ukubambisana. Sithande omunye nomunye. Ngalokho a makhaya ethu azobastrong, sakhe nemphakathi estrong.

01/02/2021

Akekho umuntu onesphiwo sokubona umuntu ukuthi unamaphupho amahle and one day uyoba yi something big.... Njengezitha zakho.

That's why bekuzonda even ungasebenzi, ungagqoki kahle, ungena moto, ungena ndoda or intombi. Uthi wena why? They wana kill your dreams before they grow and made a reality.

They see its only a matter of time, something big is coming that will engulf and overwhelm the world un-expectedly and un-noticed.

Abantu bakuzonda ungenalutho coz they know its only a matter of time, your present doesn't determine your future... You may be un-employed for now but dat situation is not permanent.

Uhlulwa ukulinda, usukhulume amazwi abuhlungu ngisho ingelozi ehamba nawe isifisa ukujika ibuyele emuva. Uhlulwa nje ukulinda your turn.

Awboni ukuthi une title, if God made you a doctor, or a Lawyer before you were born, ayikho into eyoshintsha lokho.

Abantu abakuzondayo bayabona unekusasa elihle wena kodwa usuya give up awboni, coz ubuka inamuhla lakho bese uzitshela uyoze ufe kunje.

Hhaybo ngeke kuhlale kunje. I know we don't have that cristal ball wher we can tell how our future is gona be, but linda. It might be tomorrow or next week, but kuzolunga.

Linda. Noma ngabe ulala ungadlile kodwa linda. 👊👊

October is Pastor Thomas's Birthday... Be sure to send your messages to him. May God give our father more years of bless...
18/10/2020

October is Pastor Thomas's Birthday... Be sure to send your messages to him. May God give our father more years of blessings. 🙏🙏🙏🎂🎉🎊💐

06/10/2020

Uma uzokwakha umjondolo, ayidingakali i foundation. Uvele ugximeke izingodo eziwu 4 bese ushayelela uthayela, ushiye iskhala somnyango newindi, uma kufika izimvula nomoya onamandla, umjondolo uyadilika. Uma uzokwakha indlu yomxhaso, i foundation iba ncane, bafake lento okuthiwa i slab, bese beqala bakhele phezu kwayo.

Indlu efana nalena, nayo ayibi nempilo ende, ngoba i foundation isuke ingajulile. Uma usuthatha ukubheka uma kuzokwakhiwa ibhilidi elikhulu futhi elide, noma i shopping centre, kuqala kufike o grader, nama bulldozer, kususwe izihlahla namahlathi, namadwala, kuze kube akusasele lutho. Kuthi kusanjalo bese kuzofika lomshini abawubiza nge excavator. I excavator umsebenzi wayo ukumba imigozi ejulile. Ungaze uxakeke impela uma udlula lapho bebike ukuthi kwakhiwa ibhilidi noma i shopping centre, uma usubona kumbiwa kushonwa phansi. Umuntu owakhe umjondolo angadlula ahleke, athi yena ukwaze ukuthi akhe indlu ngosuku olulodwa wayiqeda, kuphinde kudlule osanda kungena emxhasweni wakhe, athi yena indlu yakhe yathatha inyanga ukuthi yakhiwe iqedwe. Bangaze bahleke, baze bakhale izinyembezi, ngenxa yokuhleka kuze kweqe.

Kodwa umnikazi, we bhilidi, akanyakaziswa abantu abahlekayo. Ngisho kungathatha isikhathi esingakanani, akanandaba, ngoba unombono, futhi i plan isidwetshiwe. Ngisho angathi uma ebheka, abone kugcwele inhlabathi yonke indawo, athi uma ebheka, afifiyele ngoba uthuli lugcwele yonke indawo, kodwa yena uyazi. Into okumele uyazi ukuthi uma ibhilidi lizoba lide, libe likhulu, futhi libe banzi, ne foundation yalo, kumele ijule. Isizathu salokhu, ingoba uma sekufika izimvula, nomoya onamandla, kumele likwazi ukuthi lime, lingaphephuki nabantu abagcwele phakathi. Kuyaye kuqhubeke, linyuke, kodwa abantu uma bedlula babone izinsika zikakhonkolo, nezinsimbi, kodwa namanje abubonakali ubuhle bebhilidi. Kodwa uma seliphelile, ubona abantu befika bemangele ngosuku lokuvulwa kwebhilidi, babodwa abayothenga i grocer, babodwa abangena ema restaurant, babodwa abayobuka ama movie. Uma ubuka ngeke usasho ukuthi zolo lokhu, bekunomgodi lapho sekukhona khona inxanxathela yezitolo.

Ngifuna ukuthi kuwe, namhlanje, ungaziqhathanisi, nomuntu osephumelele. Kungenzeka ukuthi umjondolo lona awakhile, kusasa uzobe usupheshulwe umoya. Gijima umjaho wakho, uze ufike ekugcineni uthathe i trophey yakho. Wena njengoba izinto zakho zithatha isikhathi eside ukuthi zifike kuwe ingoba, isibusiso sakho sikhulu, kunesalona okubukeka engathi usephumelele. Uma ushona phansi, thokoza, ngoba ukubuya kwakho phansi, usukhuphuka, kuzomangala abaningi, baze bazokubuza ukuthi ukwenze kanjani lokhu. Kodwa kubiza ukuthi ubekezele. Noma umbiwa, uhlale ku Jehova, noma kususwa izihlahla, uhlale ku Jehova, noma sebekubuka engathi awunalo ikusasa, hlala ku Jehova, ngisho bekusho ngamagama onke, hlala ku Jehova. Ukhumbule ukuthi indaba ikwi foundation!!!!

Alibongwe igama le Nkosi!!!!
Extract from Thabizolo Msimangs post

Funeral notice:
04/09/2020

Funeral notice:

02/09/2020

Brethren, it is with sad news that one of our church members, sister Nonhlanhla Zuke has lost her mom through a long term sickness.

May God strength the Zuke family during this time.

They will need our support. We are family. Please carry them through prayer and visits whenever you can. Any more details will be shared when available or please call sister Nonhlanhla directly.

May Mam Zukes soul rest in eternal peace. Amen. 🙏

Address

Umlazi Q Community Hall
Durban
4031

Telephone

+27848783176

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ekhaya Christian Family Church posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share