25/05/2026
Ithi iNkosi yaseKuphakameni uMqaliwendlela isivalelisa.
Ithi umsebenzi wayo mningi lapho kuyiwa khona. Ithi iyothetha amacala, iNkosi uMambuka Mthiyane owathetha icala, waze nganquma, wathi isesizweni sakhe lapha. Kubusa izwi lakhe.
Ithi ke iNkosi lapho kuyiwa khona izwe lonke lakhona lingelayo (Ngelika Shembe).
Ithi iyothetha amacala, iNkosi uSolomini uShembe owambiza Ekuphakameni, wathi akeze ezobekwa uPhawu lwaseZulwini, yena nesizwe sakhe sonke. LoluPhawu lubekwa Ekuphakameni. Akavumanga.
Ithi iNkosi ifice amaNazaretha amaningi angenakubalwa, esesigodini sosizi. Ekulahlweni, lapho khona lamaNazaretha abiza khona iNkosi ngegama elithi "uBabamkhulu"(igama amaNazaretha angekho Ekuphakameni abiza ngalo uShembe)... lamaNazaretha alwa noShembe, athi alapha kulendawo nje, ingoba uShembe waqinisa imithetho.