Inyoni YeZulu

Inyoni YeZulu Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Inyoni YeZulu, Religious organisation, zondinqubekosihle@gmail. com, Durban.

17/09/2024

Amandla echibi(Manzi) mawuphiwe ingelosi yokubusisela abantu ichibi

baningi abantu ababusisa chibi but alisebenzi ngokufana kumele understand chibi lakho lisebenza kanjan lento bakuvezela kakhulu emaphushweni

Mase uqala ulungisa izinto zakho uzoqala example uphuphe usindisa abantu ubalanda ezindaweni ezivalekile zikhiyiwe ubavulele ubakhiphe kwezinye uzibona disarm boom ubakhipha lapho usuke ikhipha abantu bakini at the sametime bayakutshela kuthi esinye sesiphiwo sakho ungakwazi ukukhulekela muntu bese spirit sakho simusize simulandele abakubo abathwetshulwa bacushwa(Boom)

Bese uzibona uphupha ukhipha abantu emigodini ezindaweni ezimnyama cleaner amagceke bantu lapho bayakutshela kuthi ungakwazi ukuhlambulula muntu udilize isinyama usize abamumbhethe bephume ebumnyameni

bese kuba lapho thole kuthi usuzihlambululile usuthole nokuthi umbhethwe gogo wakho example uphuphe thole kuthi usemzini kagogo wakho egcekeni kutshalwe izihlahla zokwelapha ngokuhlukana kwazo sebekutshelile ukuthi uyosebenza ngokubusisa chibi bese bekufundisa imithi if uyazi uyazibonela khona ephushweni ukuthi eyani

lets say ubone umuthi wokukhipha idliso egcekeni wabona nowokukhipha isichitho lapho isona sigodlo sakho ngokomoya kuzofika muntu ezekuwe ebulawa idliso wena uzofike umkhulekele chibi bese eliphuza uzophupha ephuziswa muthi bese eyaphalaza khona ephushweni evuke sekuncono or if kuyischitho uzophupha egeza ngomuthi kudilike izimpethu or ekhipha amaxolo ndlini siphele sichitho

lapho wena usebenza nge chibi ulwa impi ka moya ziningi iziphiwo nge chibi ngeke sifane kumele wena understand ukuthi ichibi lakho lisebenza kanjan khona abakwazi ukwenza izinto zonke ngechibi bakhona abakwazi mhlampe 10 ngechibi

khona ophupha engena kubo mayengena esangweni kush*tshe kube ngathi sonto maye ngena ubona kunezikhali,swimming pool etc bayakutshela kuthi ekhaya kini isigodlo but njengoba kush*tshile kwaba sonto bakutshela kuthi uyosiza abantu ngomkhuleko bayohlambuluka(pool) beqobe izimpi

17/09/2024

UNkulunkulu akakunike wena Ndoda oyinhloko yomuzi wakho Ubuhlakani Nokuphila okuphakade

UNkulunkulu akakunika Mama oyinhloko yomuzi wakho Inhlonipho Isimilo no Thando

Inkosi inibusise ngezimoto imisebenzi nemishado🙏🏾

17/09/2024

Ngibingelele Amakhosi ewonke ngibingelel nani bantwana baka Nkulunkulu

Leli page belisanenkinga kodwa ngo Musa ka Nkulunkulu selibuyile selizosebenza njengasekuqaleni

Inkosi inibusise Kukhanye ezimpilweni zenu

Lo mdwebo unokuningi okufihliwe ngawo Inyoni Yezulu yaziwa ngisho abezizwe aba mhlopheUNkulunkulu wasinika amandla okuph...
16/02/2024

Lo mdwebo unokuningi okufihliwe ngawo Inyoni Yezulu yaziwa ngisho abezizwe aba mhlophe

UNkulunkulu wasinika amandla okuphila kuleli siphinde siphile kwelase mfihlakalweni isiphiwo yinto engeke yathathwa kuwe sibonge kubadwebi zikhona ezinye mina ngithande lesi

Ngesonto umthandazo ka 00:00 uyaqala uzoze uphele ngo lwesithathu

Bika izinkinga zakho ku Inbox wami ngikhulume no Nkulunkulu ngokusizakala kwakho

Inyoni Yezulu (INkosana Yamanzi)

16/02/2024

Ikhandlela eli yellow nomsebenzi walo ikhandlela eli yellow lisebenza ezintweni eziningi futhi linamandla kakhulu

Leli khandlela limele izithunywa okanye amadlozi asekhaya ko mama/komalume lihamba no gogo isikhathi esiningi uma uliphethe kulo Wo khuleka uqinise

Liphinde lisebenze kwisithunywa samanzi uma umuntu wamanzi alisali liyazimela izidalwa zamanzi

Uma unekhandlela owaboniswa lona qinisa kulo kunesizathu bekunika lona yilo elizohlela impilo yakho

Inyoni Yezulu(Nkosana Yamanzi)

13/02/2024

Ngibingelele emagumbini amane omhlaba. Namhlanje funa ukuninika imfihlo ngo Nkulunkulu,nobudlelwano buka Nkulunkulu no muntu onsundu(omnyama). Thina simbewu yokuqala ka Nkulunkulu kulomhlaba futhi yithi esisondelene no Nkulunkulu ka khulu yingakho no Jesu wazalelwa e Africa no Shembe wazalelwa e Africa. Futhi yikho kunaba Profethi babantu abamnyama ngoba uNkulunkulu ukhuluma nathi kakhulu. Thina singo Nkulunkulu kulezi ezinye izizwe yize kuyithi futhi esixakeke kunazo zonke lezizwe 🤞🏾kungani na?... Asimboni uNkulunkulu sihlushwa isifo somona, senzondo,sokungabaza uNkulunkulu awuwangabazi amandla akhe yikho kubuye kube nzima kithi asikwazi ukulinda impendulo evela ezulwini sivele sidube kanti uNkulunkulu awumdubi nangephutha🙏🏾Inkosi ibusise enikuzwile🙏🏾

🙏🏾Inkosi inibusise nonke Kanye nezizukulwan zenu🙏🏾
02/02/2024

🙏🏾Inkosi inibusise nonke Kanye nezizukulwan zenu🙏🏾

25/01/2024

UNkulunkulu uyasebenza ngalento negama ngaliphiwa nguye okunguye. Hlambulula umoya enenhliziyo ubone inhlanhla yase Zulwini

08/01/2024

Ngibingelele emagumbini amane omhlaba. Kungunyaka omusha umuntu no muntu makenze imizamo yokuthi akhombise abadala ukuthi siyazi bahlezi benathi. Babethanda ukutshala nokufuya woke nje ubafuyele noma yizinkukhu ubatshele ngezabo uzobona izodlondlobala bekhombisa ukubonga🙏. Inkosi ingibusisele Nina bantwana base Zulwini

31/12/2023

Ngibingelele emagumbini amane omhlaba. Njengob sesingena onyakeni omusha uNkulunkulu aniphe imisebenzi izinhlanhla Kanye nezibusiso Inkosi inibusise

21/12/2023

Ngibingelele emagumbini amane omhlaba 🙏

Asihlukanise phakathi kwe Nhlanhla nesibusiso. isibusiso yinto oyisebenzelayo futhi ayipheli ayidluli ngoba kusuke kuyinto evela ezulwini

Inhlanhla yinto yesikhashana iyafika idlule futhi izifikela yona mathupha noma kunini futhi izihambela yona

Ngane zika baba cela sihlale silwela ukuthola izibusiso yizo ezisinika impilo engcono🙏

09/12/2023

Yekani umoya wenzondo bantwana yiwo obulalayo

Address

Zondinqubekosihle@gmail. Com
Durban

Telephone

+27661259507

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Inyoni YeZulu posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share