30/05/2026
IMINI YESABATHA MAYIBENHLE KWABANGCWELE.
UShembe ezwakalisa ilaka lakhe ngendaba yamalobolo nesthembu.
UMfundisi uThabethe was'eFilidi (Vryheid), eKuphumuleni Temple, umuzi omuhle kaNkulunkulu esephucwa wona, usixoxela kanje:
Ngakusasa saphindela emzini wakwaMabuyakhulu. Kuthe uma ilanga selishisa kakhulu, saphumula.
Wayesekhuluma uShembe wathi:
“Ngikhathazekile kakhulu ngoba ngiyazi ukuthi ngizohamba ngedwa sengiya kuBaba, ngoba anifuni ukuhlukana nalomkhuba wokuba nidayise ngemizimba yamadodakazi enu ngezibizo enizibizayo namalobolo. Ngizonishiya, manje ngidabukile ngoba niyahlupheka aninalutho. Abantu abampofu abakwazi ukudumisa uNkulunkulu.
Ngiyanishiya niyizigqila zabanye abantu. UNkulunkulu wathi ku Mose:
'Hamba, ngiyakuthuma ukuba uyokhulula abantu bami eGibhithe ukuze bangikhonze!'
Namuhla ngiyanishiya emhlabeni njengezigqila zabanye abantu. Izigqila azikwazi ukukhonza uNkulunkulu.
Okunye: Lomkhuba eniwenzayo wamalobolo nezibizo uma niganisa, wenziwa indlala.
UNkulunkulu uthi:
'Ngenxa yokulamba kwenu, niyodla imizimba yamadodakazi enu'
Nibiza izinkomo ezingu - 11, phezu kwalokho iJazi, ihembe, nesigqoko sikaBaba weNtombazane. OkukaMama weNtombazane, nibiza ibhodwe, iduku lasekhanda, nenkomishi (imaki).
Umthetho wenkolo akusiko ukuceba ngokuganisa amadodakazi enu kodwa ngenxa yokulamba kwenu, ngiye ngihambise ngendlela yenu uma ngishadisa.
Ngangifuna ukufaka umthetho wakuba umuntu abe noNkosikazi oyedwa, kodwa nina nifuna isithembu. Isithembu akusiyo into enhle. Sidala ubuphofu ngoba kufanele nikhiphe ilobolo ngezinkomo zenu esibayeni. Akukho okonakele ngalokho, kodwa kubi ngoba esithenjini kuba nokuzondana. Abantu abanenzondo abayi eZulwini.
Ngithi indoda noma ngabe inawo amandla akufanele ibe namaKhosikazi angaphezulu kwamane - 04. AmaKhosi wona angeqi kumaKhosikazi ayisithupha - 06, ngoba ayahlupheka awanalutho!”
INkosi uMasakeni wesizwe sakwaGumede, noMabuyakhulu owayebambele iNkosi esencane, uMdolomba, babekhona mhla ekhuluma kanje uShembe.
Ngicaphune kwincwadi i - “The story of Isaiah Shembe, Volume 2, Page 301-302”
INKOSI IBUSISE ENIKUFUNDILE.