28/05/2020
May 26, 2020
ABAMABANDLA nabo bazoqala ukudumisa ezinkonzweni esigabeni sesithathu esizoqala ngoJuni 1.
Lokhu kushiwo uMengameli Cyril Ramaphosa enkulumeni yakhe ayenze ngoLwesibili ebusuku.
NgokukaRamaphosa, kuzomele amabandla adumise nabazalwane abangevile ku-50.
Nakuba kuzoqala ukudumisa kwabazalwane esigabeni sesithathu, uRamaphosa ukugcizelele ukuthi kusazoqhubeka ukulandelwa kwemithetho yenhlanzeko, ukuwukuwasha izandla, ukusebenzisa izifonyo nokusebenzisa izifutho ezibulala amagciwane, nokuqhelelana ibanga elanele ngenhloso yokulwa neCovid-19.
Isinqumo ngokuqala kokusebenza kwamasonto ngokusho kukaRamaphosa, sithathwe emva kokubonisana kabanzi kwesigungu sikazwelonke esibhekele ukulwa nokubhebhetheka kweCovid-19.
“Amabandla aneqhaza elikhulu aselidlalile ekulweni neCovid-19. Lokhu akwenze ngokuthi athandazele abantu, anakekele ababuthaka emphefumulweni nangokubanakekela ngokudla,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uphinde waphakamisa ukuthi ngoMeyi 31, kuzoba wusuku lomkhuleko kuleli, lapho okuzobe kukhulekelwa ukuba abantu bakuleli baphile njengoba isimo seCovid-19 sibukeka sibhebhetheka.
URamaphosa umemezela ukuvumeleka kwamabandla ukuthi akhonze emva kokuthi izinhlangano zamabandla ahlukene bese kunesikhathi eside zikhala ngokuthi amakholwa ashiywa ngaphandle nguhulumeni uma sekumele kucaciswe ngeqhaza okumele alibambe uma sekuxegiswa eminye yemithetho yezwe njengoba umengameli ubememezela kweminye imikhakha yempilo phambilini.