08/12/2020
•Luyini Uthando kithi?
=Uthando linguye uNkulunkulu
Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
1 Johane: 4:8
Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.
1 Johane: 4:16
Ngumphostoli okhuluma lawa mazwi,uchaza ngothando lwasezulwini ukuba linguye loNkulunkulu esithi siyamkhonza, ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ake simuzwe futhi umphostoli :
Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni.
1 Johane: 3:14
Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
1 Johane: 4:8
Uthini uNkulunkulu ngomuntu ozonda umfowabo/dadewabo,ake sicaphune emazwini kamphostoli futhi :
Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.
1 Johane: 3:15
•Kumele sithandane ndlelani?
Nangu umphostolo echaza :
=Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
1 Johane: 3:18
•Kukhona ke ukunyathela, simelwe ukwenza njani uma s**e sanyathelana?
Asiyithathele embhalweni :
“Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni....
Mathewu: 5:25
Mathewu18:15 “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.
16 Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.
17 Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.
Sengiphetha :
👇
Malume njalo uthando lobuzalwane.
KumaHeberu: 13:1
👆 Nibe nosuku oluhle 👏