24/01/2026
UMFANEKISO KANKULUNKULU VS UMFANEKISO WESILO
Lithi iZwi, umuntu ungumfanekiso kaNkulunkulu. "UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane" (UGenesise 1:27)
Kukhona nalokhu okunye okubizwa ngomfanekiso wesilo. "Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe" (IsAmbulo 13:15)
Mina nawe singumfanekiso kaNkulunkulu. Sibizelwe ukumkhonza uNkulunkulu esingumfanekiso Wakhe. Sibizelwe ukumveza uNkulunkulu esingumfanekiso Wakhe. Uthi ngathi, "Ngiyakusho kuyo inyakatho, ngithi: ‘Balethe,’ nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami akude, namadodakazi ami ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba, onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.” (U-Isaya 43:6-7).
Singumfanekuso Wakhe sidalelwe ukuba simkhazimilise, simdumise Yena yedwa. Athi ku-verse 21, "laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami." ("U-Isaya 43:21). Ngisho amalunga angamashumi nane aphambi kwesiHlalo sobuKhosi ayafakaza ehuba ethi, "Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.” (IsAmbulo 4:11). Ngezinto zonke kushiwo nanathi uqobo.
Siyimisebenzi yezandla Zakhe, sifanele ukumkhonza simdumise sikhuleke Kuye.
Inhloso ngokudalwa kwethu ukuba simdumise uNkulunkulu ngokuhamba nangamazwi nangezenzo zethu. Ithi iNkosi yamakhosi uNkulunkulu ufuna abazalwane abazomdumisa bamkhonze uNkulunkulu uBaba ngoMoya nangeqiniso. Singabantu bekufanele intokozo yethu ibe sekumkhonzeni Yena nasekwenzeni intando Yakhe
Singumfanekiso kaNkulunkulu!
Kodwa ngezikhathi zokugcina sibona nanku omunye umfanekiso. Wona ubizwa ngomfanekiso wesilo.
Lithi iZwi, "Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, kepha sikhuluma njengodrako. Amandla onke esilo sokuqala siyawenza phambi kwa*o. Siyenza ukuba umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo bakhuleke kuso isilo sokuqala esingozi ya*o yelashwa. Senza nezibonakaliso ezinkulu, size senze nomlilo uphume ezulwini, wehlele emhlabeni phambi kwabantu. Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda. Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe. Senza futhi ukuba bonke, abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise, uma engenalo uphawu, igama lesilo noma isibalo segama la*o" (IsAmbulo 13:11-17).
Lapha kukhulunywa ngoBUTHATHU OBUNGENGCWELE - the unholy trinity. Kulobubutgathu kukhona uSathane, bese kuba isilo sokuqala elithi iZwi nga*o, "Elinye lamakhanda a*o kungathi lalidebezwe okokufa, kepha ingozi ya*o yokufa yelashwa, umhlaba wonke walandela isilo, umangala" (IsAmbulo 13:3). Lena yiAnti-Christ, uMphiki-Kristu, elithi iZwi ngayo, "Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka."
(Matthew 24:24). Libuye lithi kithi iZwi, "Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika (uSuku lweNkosi), kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa, omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu" (2 kwabaseThesalonika 2:3-4)
Esesibili isilo ngumprofethi woMphiki-Kristu, umprofethi wamanga. Nguye lo oyokwenza abantu emhlabeni bakhuleke kuMphiki-Kristu. Lithi iZwi uyokwenza izimangaliso, abize umlilo emkhathini wehle njengoba wehla ubizwa ngu-Eliya. IZwi lomprofethi limbiza ngesilo esinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, kepha sikhuluma njengodrako. Lomprofethi uzogqokisa okwabaprofethi. Uzoziveza eyisithunywa seZulu kodwa ukukhuluma kwakhe kuzobe kugcwele ubusathane. Nguye ke lo ozothi abantu abenzele uMphiki-Kristu umfanekiso. Yilo mfanekiso ozobizwa ngomfanekiso wesilo. Lomprofethi woMphiki-Kristu kuthiwa lomfanekiso uzowunika umoya "ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe"
Bazalwane uNkulunkulu wadala umfanekiso Wakhe oyithi, uSathane naye usenze abantu badala owakhe umfanekiso. Ulizwile litheni iZwi? Lithe, "sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo".
Umfanekiso wesilo yilokhu ke okuthiwa yi-artificial intelligence. Ama-robots. Ngesikhathi esizayo azoba nomoya wamademoni aphoqe abantu ukuba bakhonze uMphiki-Kristu ngenkani. Yiwo azofuna abantu bayeke ukukhonza uNkulunkulu kodwa bakhonze uSathane.
Ngumbuso ozayo lo wasemhlabeni lapho ingcosana yabathile abayizicebi bobe sebehlangene nalama-robots ukubusa la emhlabeni begunyazwa nguSathane.
Uyawukhumbula umbono kaDaniyeli ekhonjiswa iphupho lokaNebhukadnezari? Lapho lenkosi yaseBhabhiloni yaphupha isithombe esikhulu esasinekhanda legolide (Babylonia Empire), nesifuba nezingalo zesiliva (Medo-Persian Empire), isisu namathanga kuyithusi (Greek Empire under Alexander), imilenze kuyinsimbi (Roman Empire) nezinyawo kuyinsimbi exutshwe nebumba (Umbuso ozayo)??
Insimbi nebumba yiso ke isikhathi lapho insimbi (robots) iyobe ibusa nebumba (abantu). Lesi koba yisikhathi sokuhlupheka okukhulu emhlabeni, elithi iZwi ngazo, "Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange l**e khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa." (NgokukaMathewu 24:21-22).
Ukuthi,"bekungesindiswe muntu" kusho ukuthi akekho obezosinda...abantu bebezokufa bonke.
Kodwa ziyofinyezwa lezonsuku ngoba iyofika iNgqalabutho yethu. Uthi uDanyeli embonweni wenkosi yaseBhabhiloni, "Wawusubona ukuthi kwaqheshulwa itshe kungengazandla (okusho ukuthi aluqgeshulwanga abantu kidwa kwaba ukwenza kukaNkulunkulu), lashaya isithombe ezinyaweni za*o eziyinsimbi nebumba, lazichoboza. Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke" (UDaniyeli 2:34-35)
Izinsuku zenhlupheko ziyofinyezwa ngenxa yabalungileyo.
Lithi "Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga. Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela; wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI
Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe. Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye na*o owenza izibonakaliso phambi kwa*o, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso wa*o; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule. Nabaseleyo babulawa ngenkemba ephuma emlonyeni wakhe owayehlezi ehhashini, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo" (iZwi,"IsAmbulo 19:11-16, 19-21).
Haleluya!