13/07/2026
UMTHANDAZO WOKUFUNA IQINISO
NENDLU KANKULUNKULU EYIQINIS0
Baba oNgcwele osezulwini,
Siza kuwe ngegama leNdodana yakho, iNkosi uJesu Kristu.
Siyakubonga ngoba iZwi lakho liyiqiniso.
Johane 17:17
Indlu yakho, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, iyinsika nesisekelo seqiniso.
1 Thimothewu 3:15
Nkosi, siyavuma ukuthi emhlabeni namuhla kunemimoya eminingi yokuduka.
1 Thimothewu 4:1
Abantu abaningi bathi "Nkosi, Nkosi" kodwa bengalaleli wena.
Mathewu 7:21
Bacala ukwahlukana nokukhubekisa okuphambene nemfundiso yeqiniso.
Roma 16:17
Bafundisa izifundiso nemithetho yabantu.
Kolose 2:22
Baba, sikhanyisele mina nabo bonke abafuna iqiniso.
Sikhombise umzimba wakho munye.
Efesu 4:4
Siholele kubazalwane abahlangana njengebandla lendawo — laseJozini, laseThekwini — ngaphandle kwamagama amasonto abantu.
Kolose 2:20
Nika amandla okuba sibe ngabenza izwi, singabi ngabezwa nje.
Jakobe 1:22
Uma siphambukile Nkosi, sikhombise ngomoya wakho oNgcwele.
Sinike isibindi sokubagwema abaphika amandla okukhonza.
2 Thimothewu 3:5, Roma 16:17
ukuze singahlanganyeli izono zabo.
Isambulo 18:4
Yenza thina sibe yileso sibani ekhanyayo, insika yeqiniso.
1 Thimothewu 3:15
Sikucela konke lokhu ngegama likaJesu Kristu iNkosi yethu,
Amen.
ISIVUMELWANO:
“Ngiyathembisa phambi kukaNkulunkulu ukuthi ngizohlala eZwini lakhe lodwa, ngilandele umzimba wakho munye, ngigweme imfundiso yabantu