26/06/2026
๐๐๐๐๐๐๐ ๐๐๐๐๐ ๐
๐๐๐ ๐๐๐๐๐ ๐๐๐๐๐๐๐๐.
UShembe esesezweni lasenhla, eNtabazwe, e - Free State, eshumayela. Ngolunye usuku wehlela ezansi ngaseMolwane eyoshumayela emzini yabeSuthu.
Wafika komunye umuzi wom'Suthu wafumana intombazane eyabe igula kakhulu, yayilele phansi. Wayikhulekela uShembe. Kwabe sekukhuluma idimoni kulentombazane, kwaba sengathi iyahlanya. Yabhuquza phansi. Wathi uma ebona lokho uShembe, wadideka, wafikelwa ukwesaba ngoba wayengakawajwayeli amadimoni. Wagibela ihhashi lakhe wahamba. Wathi esahambe ibangana elifushane esuka kulomuzi, kwaqhamuka umuntu emvakwakhe ehamba ngehhashi egijima, wamqhweba. Wafike wathi ku Shembe lomuntu:
โUyafuneka kulomuzi osuka kuwo, ushiye umuntu efile. Bathi abazali bakhe, umfice egula, kodwa uthe ungambeka izandla, wabe eseyafa.โ
Inhliziyo ka Shembe yayingasathandi ukubuyela kulomuzi. Waphindela emuva uShembe, enokwesaba endleleni, ehamba eshaywa uvalo. Wathi angafika kulomuzi, abantu bakhona bathi:
โLomntwana ufike ephila, kodwa uthe angathintwa nguwe, wafa.โ
UShembe uthi:
โNgafika abeSuthu sebengihlomele, bethi umenzeni umntwana wethu? Ngaphendula senginovalo, ngiqhaqhazela, ngathi angimenzanga lutho.โ
Bathi: โUfike efile yini?โ
Uthi uShembe, ngathi cha!
Bathi abeSuthu: โSimfuna evukile lomntwana, uma engavuki sizomngcwaba kanye nawe.โ
Uthi uShembe, ngangena endlini lapho ilele khona lentombazane, ngayifica ilele ikhihliza amagwebu. Ngaphinda ngayikhulekela, kodwa ngasenginovalo, isibindi sabe sesingasekho.
Uthi uShembe, ngahlala isikhashana ingazamazami, ithule nje. Kuthe ngomzuzwana ngabona izamazama ithimula, ngayibamba ngesandla, ngayivusa. Kuthe seyivukile, yabuza yathi:
โUphi lomuntu obengikhulekela?โ Bathi abazali bayo, โNangu ehlezi eceleni kwakho?โ Yathula isikhashana. Yabiza ekuthandayo, bayinika, yadla. Emvakwalokho yaphimisela izwi elihle, yathi: โMama, Baba, ngiyabonga ukufika kwalomuntu. Ukube akafikanga, bengizonishiya ngiye kwelikude izwe. Manje sengiphilile.โ