07/06/2026
Makadunyiswe ujesu krestu. Makholwa Iamahle 07 June 2026
Umkhosi weSakramente laseLathini - umnyaka A. Page 313
Umkhosi omkhulu
Isidlo nesiphuzo sokuphila kwaphakade
UNkulunkulu wabagcina bephilile abantu bakhe ehlane ngokubapha ukudla nokuphuzwayo kuvela ezulwini. Isidlo nesiphuzo asipha sona namhlanje esakramenteni ngumZimba neGazi leNdodana yakhe, lokhu kunikelwa ukuze kuphile umhlaba.
Isingeniso Hl. 80:17
Wayebondla ngokolweni omuhle kakhulu, wabenelisa ngoju lwasedwaleni.
Asikhuleke.
Nkulunkulu, wena owasishiyela iSakramente elimangalisayo
laba yisikhumbuziso sokufa nokuvuka kwakho, siyacela ukuba usenze
sidumise izimfihlakalo zomzimba negazi lakho ngendlela ezosenza sibe yilokhu sizwa ngaphakathi ezinhliziyweni zethu izithelo zosindiso Iwakho.
Sicela ngeNkosi yethu uJesu Kristo iNdodana yakho ephila ibusa kanye nawe noMoya Ocwebileyo ninguNkulunkulu munye izikhathi ngezikhathi.
Isifundo sokuqala
Duteronomi 8:2-3, 14b-16a
UNkulunkulu waninika ukudla nina noyihlo enaningakwazi.
Kuleyomihla uMose wathi kubantu: “Khumbulani ukuthi iNkosi uNkulunkulu yayinihola njalo iminyaka engamashumi amane, nisahamba ehlane. Yebo yanidedela ukuba nehlelwe ukuhlupheka ukuze inivivinye ibone ukuthi nicabangani ezinhliziyweni zenu, nokuthi niyayilalela yini imithetho yayo noma qha. Yanehlisela ukudinga nendlala, yabuye yanondla ngoMana, ukudla enaningakwazi nina nokhokho benu. Yafuna ukuniqondisa ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa uphila ngayilelo nalelozwi elivela emlonyeni weNkosi.
Ningayikhohlwa iNkosi uNkulunkulu wenu, eyanikhipha kwelaseGibhithe, endlini yobugqila. Yanihola ehlane lelo elikhulu elesabekayo, eligcwele izinyoka ezibulalayo nawofezela, ogwadule olomile olungénamanzi yaniqhumisela amanzi edwaleni, yanondla ngoMana, ukudla okwakungaziwa oyihlo."
Nalo-ke izwi leNkosi.
Isihlabelelo sokuphendula
Hl. 147
Isiphendulo: Jerusalema, yidumise iNkosi.
Noma:
Alleluya, alleluya, alleluya.
Yidumise iNkosi, Jerusalema, mdumise uNkulunkulu wakho, wena Sioni! Ngoba uqinisile imigoqo yamasango akho, wahlahlamelisa abantwana bakho phakathi kwakho.
(Jerusalema... Noma: Alleluya...)
Wenza uxolo phakathi kwemincele yakho, uyakusuthisa ngokolweni omnandi kakhulu. Uyathumela izwi lakhe emhlabeni umyalo wakhe ugijime ngejubane.
(Jerusalema... Noma: Alleluya...)
Ushumayeza uJakobe ngezwi lakhe, noIsrael ngemithetho nangezahlulelo zakhe. Akenzanga njalo nakwesisodwa esinye isizwe, asikho esinye ake asambulela izahlulelo zakhe.
(Jerusalema... Noma: Alleluya...)
Isifundo sesibili
1 Khor. 10:16-17
Thina esibaningi sisinkwa sinye, simzimba munye.
Bazalwane, isitsha sokubonga esibonga ngaso, akusikho yini ukuhlanganyela igazi likaKristo na? Nesinkwa esisihlephulayo, akusikho ukuhlanganyela umzimba weNkosi na? Lokhu thina esibaningi sisinkwa sinye, simzimba munye, thina sonke esihlangene ekudleni isinkwa sinye lesi.
Nalo-ke izwi leNkosi.
ISILANDELO
Lesisilandelo singashiwo uma kuthandeka noma ngokugcwele noma ngendlela efinyeziwe kusukela emazwini athi Nas' isinkwa. Uma sicuIwa kusetshenziswa indlela yeculo elithi: Izilimi zabo bonke kodwa emavesini 10 no-11 imigqa yesithathu neyesine ilandela indlela efana neyemigqa yokuqala neyesibili.
1)Bandla, mtuse uMsindisi, onguMholi noMalusi, umhubele ungaphezi. Thatha amagama onke, makabongwe nokubongwa uyadlul' udumo lonke!
2)Namhla sidumis' isinkwa esiphila siphilisa, kuludaba olukhulu. Wasinika abafundi ekudleni kokugcina njengombiko weVangeli.
3)E, kungathi kungaduma kuhlokome kuthokoze 06/05b13sawenhliziyo. Sijabula namhla sithi:
4)E, leMvana yePhasika iqedil' umtheth' omdala owawuyifanekisa. Ho, busuku hamba kahle
"UMsindisi walimisa leli sakramente lakhe."
5)Okwenziwa nguMsindisi wakuyala abafundi, wathi nabo benze njalo.
Siguqula eMiseni lezizipho ezethulwa zibe umhlatshelo wethu.
6)Imfundiso yethu ithi lesisinkwa sab' inyama newayini lab' igazi. Akwenzeki ngokwemvelo kungamandla ophezulu, kholwa noma ungaboni!
7)Okusala kuyisimo, luphelil' uqobo lwaso, sicashis' imfihlakalo. Kuyinyama khona sodla kuligazi siliphuze wonk' uKrist' ukokubili.
8)Kalimali la edliwa, ngoba akalimazeki, kwamukelwa lonk' uqobo. Abaningi kumb' emunye bonke bayamudl' ewonke akapheli ngokudliwa
9)Kudl' abahle, kudl' ababi kant' impetho kayifani badl' inhlanhla, badl' ukufa. Bayazijezis' ababi, babusiswe bon' abahle, noma bedla kanye-kanye.
10)Kuthi kuhleshulw' isimo nocezwana lukuphethe konke okukwesigcwele. Kholwa yilokhu ungasoli! E, uqobo kalwephuki kuyephuk' isimo sodwa wen' uJesu engoniwe ekuleliSakramente.
11)Nas' isinkwa sengilosi singukudla kwezihambi siyisinkwa sabantwana
nant' iLanga lifikile, asiswel' okudlulile.
12) Jesu sinkwa esiyiso nomalusi onesihe, ak' usondle usaluse esingafanel' izinja. Okwakusifanekisa nguy' ulsaak owethulwa, yiy' iMvana yePhasika nguy' uMana wasehlane.
usiyise kulelozwe okungekho kufa kulo, okungekho kufa kulo. Wen' okwaz' ukwenza konke osalusa emhlabeni ak' usenze sidle nawe sijabule nawe njalo khona lapho ezulwini khona lapho ezulwini. Amen.
Alleluya
Jn. 6:51ab
Alleluya, alleluya. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini, kusho iNkosi; osuka edla lesisinkwa uyakuphila naphakade. Alleluya.
IVangeli
Jn. 6:51-58
Inyama yami ingukudla okuyikho, negazi lami yisiphuzo esiyiso.
Kuleyonkathi uJesu wakhuluma esixukwini samaJuda wathi: "Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Osuka edla lesisinkwa uyakuphila naphakade; isinkwa engiyakuninika sona siyinyama yami eyakunikelelwa ukuphila komhlaba."
Abesephikisana amaJuda athi: "Ló, angasinika kanjani inyama yakhe siyidle na?" UJesu wayesethi kuwo: "Ngiyaqinisa ngempela ngithi kini, uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aniyikuba nokuphila phakathi kini. Odla inyama yami, aphuze igazi lami unokuphila kwaphakade, mina-ke ngiyakumvusa ngosuku lokugcina. Ngoba inyama yami ingukudla okuyikho, negazi lami yisiphuzo esiyiso. Osuka edla inyama yami aphuze igazi lami, uhleli kimi, nami ngihlala kuye. Njengoba uBaba ophilayo engithumile, mina-ke ngiphila ngoBaba, kanjalo naye ongidlayo uyakuphila ngami.
Lesi yisinkwa esehlé ezulwini. Akunjengalokhu oyihlo babedla uMana, bafa. Odla lesisinkwa uyakuphila kuze kube phakade."
Nalo-ke iVangeli leNkosi.
Ukuthandazelwa kwezipho
Nkosi, ngalezizipho esizethulayo ake uliphe iBandla lakho ubunye noxolo nobudlelwane obufanekiswa ngokomoya yisinkwa esenziwe ngezinhlamvu eziningi zikakolweni newayini elenziwe ngamagrebhisi amaningi.
Sicela ngoKristo iNkosi yethu.
Isi Qalisakubonga
Ngempela kufanele, kulungile, ukuba sikubonge ngezikhathi zonke nasezindaweni zonke, wena Baba ocwebileyo, Nkulunkulu Somandla Simakade, ngoKristo iNkosi yethu.
Owathi edla nabaphostoli bakhe ukudla kokugcina, wamisa isikhumbuziso esimiyo sokufa kwakhe okusindisayo onqamlezweni, wanikela kuwe iMvana engenasici enguye uqobo, eyisethulo sokubonga okupheleleyo owasamukelayo.
Ngalemfihlakalo ejulile wondla umndeni wakho ongamakholwa akho,
uwucwebise ukuze isintu sonke emhlabeni owodwa sikhanyiselwe lukholo olulodwa sihlanganiswe luthando olulodwa.
Nathi-ke sisondela ngenhlonipho esithebeni saleliSakramente elimangalisayo ukuze sidle lesisidlo esimnandi, sigcwale igrasiya, siguquke sifuze uKristo osesezulwini. Ngalokho-ke izulu lihlangene nomhlaba lihlokoma ngengoma entsha liyakuhubela likudumisa.
Nathi futhi sihlangene namaviyo onke ezingilosi silokhu simemeza sithi:
Ucwebile...
Isamukeliso Jn. 6:57
Osuke edla inyama yami aphuze igazi lami, uhleli kimi, nami ngihlala kuye, kusho iNkosi.
Asikhuleke
Nkosi,ukwamukela kwethu umzimba negazi lakho eliligugu kusizwisa intokozo yasezulwini siselapha emhlabeni. Sengathi ngaleliKhomuniyone esesamukele kulo ubuNkulunkulu bakho ungasenza size siphumelele kuleyontokozo yaphakade embusweni wakho ongapheliyo ezulwini. Sicela kuwe ophila ubusa izikhathi ngezikhathi.