Isabelo kholo baptist church

Isabelo kholo baptist church Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Isabelo kholo baptist church, Religious organisation, Clermont.

11/02/2024

Isono
Awukho umoya omubi othunyelwa zinyandezulu ngalesosimo sokuzalana
Ngokuba imimoya emibi igcwele emhlabeni kuyenzeka unina wosana awuhabule sichitheke kepha maziphika izalukazi uyaphumelela ukuphila ahlengeke
Ngokuba miningi lemimoya iyabangena abaningi baphenduke ababulali abathakathi abazinhlobo eziningi
Abanye babo bazalwa nakho bekuhabule besesibelethweni somzali
Kubalulekile kuthi usana unina aluhlambeze ukugeza lemimoya ithuba lisekhona
Ziningi izimo eziphazamisa impilo yomuntu omunye ukhula nenhliziyo elukhuni embi enomona kanjalo nobuthakathi
Ivele ibonakale umtwana esemncane izenzo zayo okyaye kuthiwe ufuzo luyenzeka l**e luhle l**e lubi ngokunjalo
Masekhulile liyavuka lelidimoni limqhube ahambe ebulala abantu noma adlwengule
Ukwenza okungajwayelekile emphakathini kube kubi nonya ukona lokho
Ngokuba umhlaba wakhelwe esisekelweni sokulunga uyashesha ukwehlulanisa okuhle nokubi ekwenzeni kwakho
Mangabe ukhule wangahlambululeka esibethweni lezonhloso ezimbi nesiqalekiso esenziwe oliphethe idimoni akuvami ukuhlukanisa kalula ngoba kuphazamiseka nomqondo ukhuleungakwazi kuhlukanisa muke wadinwa
Yashesha ukulwa
Ukona ukuhluleka ukuhlukanisa okuhle nokubi yingakho abaphathiswa besinika indlela yokuhlukanisa sisebancane

11/02/2024

Umuntu
Umuntu ungumoya olungileyo othunyelwa zinyandezulu emhlabeni ungene kowesilisa awubeke kowesifazane awuchamisele izinyanga eziyisishagalolunye uphumele ezweni usubonakala ungumuntu ngenhloso yokumisa isizukulwane
Kuyaye ngesinye isikhathi kube isicelo sesiqu sokuqala sedluliselwe emadlozini wona asedlulisele kumathonga okuyiwo acela kubalingani bawo
Amathonga abalingani abese eyalela amadlozi asebukhweni bakho izalukazi zakhona zivundise isibeletho
Kwehle loyomuntu amndenini wakho angene kuwe umbeke esibelethweni esivundisiwe achamiseleke izinyanga ezisishagalolunye abelethwe akhule kuzofeza izimfuno zesivumelwano sabo

11/02/2024

Isabelo
Isabelo kholo siphiwe zonke izinhlanga zehlabathi ngumnikazi odale umhlaba nezwe nabakhileyo kulo
Umisile imindeni kwabakhileyo ngokuhlukana kwezinhlanga wamisa iziqu zokuphila zaba nhlanu zendumiso ngokuhleleka
Zine ezenyama yomzimba ezilawula impilo yakho
Eyesihlanu kukhuphuka eyezinyandezulu okhokho bokhokho ephethe isabelo sakho emndenini ekhaya ezulwini

28/01/2024

Amandla okuphila abasesiqwini sesithathu nesesine ngoba esesihlanu ngesika Mdali
Uma kukhona othwebula idlozi nothwala ngalo kuvama kuba kube isiqu sesithathu okusona esingcolisa umsamo wakho

28/01/2024

Ngalezimiso uxhumana ngqo nezinyandezulu noma ngabe isiqu sesibili nesesithathu sisetshenziwe safulathela uyakhona ukudlulisa iscelo noma umyalezo esiqwini sesine kwelamathongo
Isiqu sesine okuzingelosi ezinkulu ekuphileni kwakho zinokulunga azimukeli okubi ngoba ziseva uLizwi izona ezidlulisa izicelo zakho kuNkulunkulu ziphinde zemukele izilokotho nezinhlahla zesabelo sakho
Ziye zikulayele izimpendulo nokufanele ukwenze kuze uphumelele
Ma umsamo wakho ungcolile zi ya asho ukuba uwugeze ngokuwugeza uzinika amandla okususa okubi endlini yakho

21/01/2024

Ngokuba uLizwi wawuthanda umhlaba kusukela ewudala nakho konke okukhona kuwo uyehlisela ubungcwele bakhe ngesandla sabaprofethi ukuze uhlanga nohlanga lulandele indlela yenhlokomo yayo
Masikuyeke ukufunzwa masazi ukuthi kwasemandulo sasabelwe indlela yokholo
Kwavuka izimpi inkemane izifo zobhubhane yemikhuhlane loko kwenza silahlekelwe isabe
lo kholo lwethu saphinda saphuza ukushicilela kunqolobane yethu kuze isizukulwane silandele imiyalelo ngokgcwele
Besisebenzisa ukushiyelana izindlela zokholo nemfundiso ngezizukulwane
Ngokuba uhlanga olumpisholo alujahi entuthukweni njengezinye sagubuzelwa yintuthuko yezinye inhlanga sagqilazeka ngenxa yomnotho owawukulelozinga nokwenza siphile impilo elukhuni

21/01/2024

Indlela yesabelo kholo
Zinhlanu iziqu zokumdumisa okunguye
Eyokuqala enguwe
Eyesibili abaphathiswa abazali bakho
Eyesithathu amadlozi akho mkhulu gogo nabasekhaya komame
Eyesine ukhokho nokhokhokazi wakho
Eyesihlanu uLizwi nomkhandlu wezulu

Sidalwa sikababa awnazwi ongalikhuluma ungedlulisanga kuleluhlelo luphumelele
Khuluma nje ngelambu kubaba nomama
Khuluma nje ngempepho noma ilambu kumkhulu nogogo
Khulumanje ngempepho nomangelambu kokhokho
Ukhulume ngelambu konguye

21/01/2024

Silimalile ngokulahla isabelo esabelwe sona uLizwi. Sacindezelwa umbusazwe olinganisa izinhlanga kakhulukazi thinandlu empisholo ngoba sesilawulwa inkolo yezinye izinhlanga siyathanda asithandi siyitshala nasezizikulwaneni zethu.
Iqiniso singabonile phambi kombuso wezulu. Namhla sedlula kulomhlaba imphefumulo yethu ayikufinyelela ekhaya kubazali bethu okhokho. Iyohlangatshezwa ingatholakali ngokuba kmele iqale iye labikholelwa khona
Sinamacala mina nawe hluza kusemanje uthathe isabelo kholo lwakho

21/01/2024

ULizwi uyasithanda ngomusa nokulunga singumfanekiso oyikho konke olungileyo. Uselusa njengomelusi wezimvu ohluphekayo ngeyodwa edukileyo. Usithumelele abaprofethi abangcwele ngesandla sengelosi uArch angel Emmanuel njengoba wakwenza ohlangeni lwamaJuda. Ngyaphinda uma indlu kaZulu ikuziba ukufika koNgcwele egcekeni lakomkhulu sonke sofumana intukuthelo

21/01/2024

Isizwe nesizwe ngokuhlukana kwazo sabelwe indlela yokumdumisa okhonzwa zinhlanga zonke
Indlela ifumbethe amasiko nemikhuba. Konke lokhu kuyamele ekumkhonzeni okunguye
ULizwi ukhona uyaphila ungukuphila akudala emandulo umhlaba ungakabi bikho uyobakhona kuze kube phakade

21/01/2024

Kubalazwe lesiqhingi iAfrika okuyigama elifunyanwe ezinye inhlanga ezazintweza ngezilwandle zizingela ingcebo singaphansi kwenkabazwe siphinde sibe kunjika langa ngentando nesabelo sikababa uLizwi. Kulesiqhingi sabelwe omuntu omnyama ngokwebala sinomcebo waso nezingwadule nezitshalo. Sinezinhlanga zebala elimnyama ngokwehlukana kwezizwe ezilakhele

21/01/2024

Lengelosi yazalwa ngokwenyama entombini ngesivumelwano sakhe yaba umsndisi kulesosizwe. Ngokuba babeyizoni bayibethela kodwa eyayikuzele emhlabeni yakuphothula sasinda lesosizwe entukuthelweni kaMdali wezulu nomhlaba
Kumanje intukuthelo yabeleka esizukulwaneni sendlu yaloluhlanga

Address

Clermont

Opening Hours

Monday 09:00 - 17:00
Tuesday 09:00 - 17:00
Wednesday 09:00 - 17:00
Thursday 09:00 - 17:00
Friday 09:00 - 17:00
Saturday 09:00 - 17:00
Sunday 09:00 - 17:00

Telephone

+27791032500

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Isabelo kholo baptist church posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Place Of Worship

Send a message to Isabelo kholo baptist church:

Share