17/03/2022
USAZOPHAKAMA, UNGAKHALI KAKHULU!!βππ
iAeroplane, ayakhelwanga ukuhamba on the
Ground, kodwa yakhiwelwa ukundiza phezulu emoyeni, kodwa owayakha akayakhelanga
emoyeni phezulu, kodwa wayakhela on the
ground.
Okwesibili, noma engayakhelanga ukuthi ihambe phansi, kodwa wayifaka amasondo okuqale igijime phansi ngaphambi kokuba
iphakame.
Noma indiza phezulu kodwa ayiqali
phezulu iqale igijime phansi.
uma isisuka iyawafihla amasondo esuke ngawo, ayiwashiyi phansi ukuze iwasebenzise ngesikhathi sokuhlala.
Uma izosuka iqale igijime phansi ngamawala
kanti ilanda amandla okuphakama.
Nawe uma ubona impilo ikugijimisa phansi akusho ukuthi uzogcina phansi, kodwa kusho ukuthi usazophakama.
Into edala ukuthi iqale igijime phansi, usayizi wento eyithwalayo.
Nawe into ozoba yiyo kusasa, yiyo ekwenza uqale sengathi ugijima phansi.
Amasondo ayo mathathu, amele
God the father, son & Holy Spirit.
Uma impilo isakugijimisa phansi qinisekisa ukuthi awuwalahli lamasondo empilo amathathu empilweni yakho.
Noma abantu bangakulahla kodwa if you have God the father,son and Holy Spirit.
Uma uJehova esekuphakamisa, ungalenzi iphutha lokulahla amasondo ophakame ngawo ngoba uzowadinga ngamhla wehla ukuze ungehli uphahlazeke.